BAZIPHONSE kunoxhaka abebecushelwe wona woKlebe abantu ababili okukhona kubona nongumsebenzi kaMasipala eMfuleni, eGauteng ababoshelwe icala lokuthatha ngodli imali emphakathini.
Abasolwa ababili abaneminyaka engu-39 no-51 baboshwe ngoLwesibili.
Kuthiwa bagqunywe ezitokisini kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze njengoba kusaqhubeka uphenyo.
Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale, uthe ithimba lamaphoyisa lisebenze ngokushesha eSharpville emuva kokuthola umbiko ngabantu abakhokhisa abanye imali.
“Ithimba lamaphoyisa libe selihlela umhlangano obukade ugunyaziwe nabasolwa lapho kushintshanwe khona ngemali. Emuva nje kwalokho, bakhalelwe amasongo kaSigonyela abasolwa,” kusho uCol Mogale.
Uthe abasolwa batholakale bephethe imali abadotshwe ngayo enye ebikade isemotweni yabo.
Udalule ukuthi abasolwa kulindeleke ukuthi bavele okokuqala enkantolo maduzane.
Kwenzeka lokhu nje kukhalwa nkalozonke ngabakhokhisa imali ngodli osomabhizinisi nabantu emiphakathini.
Kunekhwelo lokuba iPhalamende lenze izichibiyelo emthethweni olawula i-extortion khona sizoqina isandla kwabagila le migilingwane.
Amaphoyisa akhuthaza abantu ukuthi bawabikele ngalabo ababahlalise ngesinqe esisodwa bephula umthetho.