UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natla uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uyaqhubeka nezinhlelo zakhe zokuqinisa umthetho esifundazweni ngalesi sikhathi samaholidi. NgoLwesine uzibambele mathupha eba yingxenye yesivimbamgwaqo lapho bekumiswa izimoto ziseshwe phakathi.
Lo msebenzi ube nemiphumela emihle njengoba zikhona izephulamthetho eziboshiwe. Kwababoshiwe, kukhona owesilisa obehamba ngemoto engenazo izinombolo kanti nemvume yayo iphelelwe yisikhathi. Athe eyisesha ngaphakathi le moto, amaphoyisa athola imali enguR90 000 nesibhamu esinelayisensi.
Ngokusho kwamaphoyisa, lo mlisa uwatshele ukuthi le mali ubeyiphathele ukuyothenga izimpahla zikaKhisimusi.