UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ubheke ukuthi amaphoyisa aqhubeke nokukhuculula kuMasipala waKwaNongoma.
UButhelezi uthe uyakwamukela ukuboshwa kwabaholi bomkhandlu iMeya, uMnuz Mshangane Ndabandaba, iPhini leMeya, uMnuz Sabelo Nkosi, uSomlomo, uNkk Babongile Sithole nezikhulu zomkhandlu.
Lokhu ukusho izolo ngesikhathi enomhlangano namakhansela akulo mkhandlu.
UButhelezi uthe bewumnyango abahambisani nenkohlakalo, wancoma amaphoyisa ngokubopha laba baholi abasolakala enkohlakalweni.
“Siwashayela ihlombe amaphoyisa ngokubopha abantu abaphambene nomthetho. Siyathemba ukuthi ingalo yomthetho izobenza ubulungiswa, size sithole umyombo wale nto. Siyawakhuthaza amaphoyisa ukuthi aqhubeke nokukhuculula ngoba thina njengohulumeni sinesibopho sokwenza isiqiniseko sokuthi intuthuko iya ebantwini ngaphandle kwenkohlakalo.”
UButhelezi uthe kuyaqala emlandweni wakuleli lizwe ukuba kuboshwe imeya, iphini lemeya nosomlomo. Laba baholi baqhamuka kwi-NFP, EFF ne-ANC.
Amaqembu abo azwakalise ukubeseka ngesikhathi bevele enkantolo kepha uButhelezi uxwayise amakhansela akulo mkhandlu ukuba ayeke ukuhambe ezwakalisa ukweseka abaholi ababoshiwe.
UButhelezi uthe amakhansela awanalo igunya lokuhamba ekhuluma izindaba zomkhandlu.
Abaholi bomkhandlu baboshwe nesikhulu sezezimali, uMnuz Njabulo Dludla, isikhulu sophiko olukhipha amathenda uMnuz Khulekani Manqele, nosomabhizinisi, uMnuz Vukani Gumede.
Babhekene namacala enkohlakalo awu-57 asukela ekukhishweni kwethenda lika-R800 000. Bazobuyela enkantolo kusasa, lapho bezofaka khona isicelo sebheyili.
UButhelezi wethule uMnuz Mpumelelo Mnguni, njengebamba lemenenja yalo masipala obhekene nezinkinga.
Inkantolo isanda kuchitha ukuqokwa kwemenenja yalo mkhandlu ebibambile, uMntwana uNhlakanipho Zulu nokuqokwa kwesikhulu sezezimali esibambile, uMnuz Brian Dube.
UButhelezi uthe uZulu akavumelekile ukuba aqhubeke nokusebenza njengemenenja yomkhandlu, waxwayisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma uZulu ephikisa umyalelo.
UButhelezi uthe uMnguni uzobuyisa uzinzo ngokubambisana nezinye izikhulu zomnyango ezijutshwe ukuba ziyokwelekelela kuMasipala waKwaNongoma.
“Abantu bakwaNongoma kufanele baqhubeke, bathole izidingo. Kufanele abantu baqhubeke nokuthola amanzi.”
UButhelezi uthe isimo sezimali simapeketwane kulo mkhandlu. Uthe umasipala usuyisebenzisile yonke imali oyithola kuhulumeni omkhulu ekubeni ungakaqedi ukwenza izinhlelo ezabelwe le mali.
“Lapha kwaNongoma aniguqile ngamadolo kodwa nilele ngezisu,” kusho uButhelezi.