ZIKHISHWE ngendlakadla ezindlini zazo izitshudeni zaseThekwini TVET College, ophikweni uMbilo College ngoba kuthiwa asizikhokhelile isikhwama esixhasa izitshudeni, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Izitshudeni okuthiwa zibalelwa ku-120, zithi zilale emgwaqweni zaqhuqhwa amakhaza zanethwa yimvula.
Ngesikhathi zikhuluma neSolezwe zibalise ngobunzima ezizithole zibhekene nabo.
Izitshudeni ezikhulume neSolezwe ziveze ukuthi zithole umyalezo kumaselula azo obuzazisa ngokuthi maziphume ezindlini ngoba iNSFAS ayizikhokhelile.
Isolezwe liwubonile umyalezo othunyelelwe izitshudeni uzazisa ngokuthi aziphume eflethini ngoba azikhokheliwe.
UNomasonto Khawula (23) ofunda kuleli kolishi, uthe bayitholile imiyalezo kodwa bangaphuma.
Uthe kodwa ngoLwesibili bagcine sebekhishwa ngendluzula ngabantu abangaziwa.
"Ibuhlungu kakhulu le nto esehlele. Silale emgwaqweni saqhuqhwa ngamakhaza. Okubuhlungu kakhulu ukuthi sigcine sesinethwa nayimvula,'' usho kanje.
Lezi zitshudeni ziveze ukuthi bese zihlale inyanga kuleli flethi.
USlindile Ngcamu (22) naye ofunda kulesi sikhungo ubalise ngobuhlungu abadlule kubona.
Uthe abasazi manje ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuze kulungiswe indaba yokuthi iNSFAS ikhokhele izindlu abahlala kuzona.
"Uyabona isiqala ukuba yinkinga enkulu ngempela le nto. Nangonyaka odlule sazithola sibhekana nale nkinga,'' usho kanje.
Abanye Isolezwe elikhulume nabo, omunye ohlala eMgababa omunye ohlala ePort Shepstone bathe sebevele babuyela emakhaya bazolinda kuze kulungiswe lesi simo.
Umnikazi waflethi uzanywe kaningi ngocingo wathunyelelwa nomyalezo, engaphenduli, ucingo lwakhe lwagcina lungasangeni.
Okhulumela inhlangano iSouth African Technical Vocational Education and Training Students Association, uBongani Mgwali, uthe bayazi ngenkinga yalesi sikhungo.
Uthe emasontweni amathathu edlule bayile beyoxisana nezitshudeni nabaphathi besikhungo ngoba bese bezwile ukuthi kukhona inkinga yokuthi kungenzeka zikhishwe eflethini.
Uthe bawabonile ama-video akhombisa izitshudeni zilele emnyango. “Sithole ukuthi iNSFAS engayifakile imali esikhungweni sizophinda sizame ukuthi sithole isixazululo kule nkinga,’’ usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje esithangamini nabezindaba ebesisePitoli ngoMsombuluko obambe njengosihlalo ebhodini lalesi sikhwama, uSolwazi Lourens Van Staden uqinisekise ukuthi bona abukho ubudlelwano abanabo nabezindawo zokuhlala izitshudeni.
Uveze nokuthi izinsolo zenkohlakalo nokugwazisa phakathi kwabanikazi bezindawo zokuhlala nabanikezwe umsebenzi wokugunyaza izindawo ezisezingeni lokuhlala izitshudeni sezifinyelele kubona.
Ugcizelele ukuthi esikhathini esizayo bahlela ukuthi kungabibikho isitshudeni esihlomulayo esikhwameni seNSFAS esizohlala endaweni engagunyaziwe yisona.
Ngeledlule, amalungu ekomiti loMnyango weMfundo ePhakeme anxuse uMnyango weMfundo ePhakeme ukuthi uphenye njengoba kunomdonsiswano phakathi kwezikhungo, iNSFAS nezitshudeni osekwenze kwaqubuka neziteleka ezidalwa nawukuthi lesi sikhwama asikayikhokhi nemihlomulo yezitshudeni.
Isolezwe lizame kaningi ukuxhumana nabesikhungo kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ucingo belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.