UKUFUNDA emaphutheni eziwenzile nokuphokophelela ukuphuma zingabantu abangcono nabamukelekile emphakathini, ngezinye zezintshisekelo ezenze zafunda ngokuzimisela iziboshwa eziphase u-matric wanyakenye ngamalengiso.
UMhlengi Chiliza, umenyezelwe njengomfundi obashaye amakhanda bonke ezikoleni ezingaphansi kwalo mnyango esifundazweni, emcimbini wokuklomelisa abafundi abayiziboshwa abenze kahle, obusejele eWestville izolo.
UMhlengi obefunda eSicebengolwazi okuyisikole esisejele eliseMtshezi, uthole o-distinction abayisikhombisa kuzona zonke izifundo, kwathi uNhlakanipho Mathaba (26) obefunda e-Usethubeni Youth, eWestvile walala isibili ngabayisithupha.
“Ngijabule kakhulu ngale miphumela. Okungisizile wukufunda ngokuzikhandla nokubambisana nothisha nozakwethu esiboshwe nabo ebesifunda nabo. Umyalezo engingawudlulisa kubafundi wukuthi bazimisele, bahloniphe othisha nabazali, lokho kuzobasiza ukuthi baphumelele,” kusho uMhlengi.
Uthe isifiso sakhe wukwenza iziqu ze-Industrial Psychology
UNhlakanipho othe usehlale iminyaka eyisikhombisa ngaphakathi ngecala lokudunwa kwezimoto njengoba eboshwe eneminyaka ewu-19 kade efunda u-matric, agcina engenzanga kahle kuwo ngenxa yempilo ayeyiphila ngaleso sikhathi.
“Imfihlo ekuphaseni ngaleli zinga, wukuzinikela usebenzisane nothisha, ukhuleka unxuse ukuthi ubhale kahle uphase, bese uyazinikela uwuthande umsebenzi wakho,” kusho uNhlakanipho.
Ememezela izikole ezingaphansi kwalo mnyango ezenze kahle, uKhomishana kuwo kulesi sifundazwe, uMnuz Mnikelwa Nxele, uthe iKwaZulu-Natal izihole phambili zonke izifundazwe njengoba ithole eziboshweni ezingu-53 ezibhale ukuhlolwa kwazo, sisodwa kuphela esifeyilile okwenze sathola u-98%.
I-Usethubeni Youth sithole u-100% kubafundi abathole o-bachelor, kwathi iSicebengolwazi ebesiqala ukuba nababhala u-matric nyakenye sathola u-100% kuphasa bonke abebebhala.
“Ukugubha le mpumelelo akumele kusenze sinethezeke ngoba sithi isibambe ngakho kodwa kumele kusigqugquzele ukuthi sibe nogqozi lokuzuza okukhulu. Zikhona izinselelo okumele sizixazulule okubalwa phakathi kwazo nokungabi nazo izinsiza ezanele,” kusho uNxele.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer obe yisikhulumi esiqavile kulo mcimbi, uthe bayaziqhenya kakhulu ngokwenza kahle kwezikole engaphansi koMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo, wabalula phakathi kwazo iQalakabusha ne-Usethubeni athe ziyaqhubeka nokuthola o-100%,
“Bafundi bethu esibathandayo, siyazi ukuthi ukufunda ngaphansi kwezimo enibhekene nazo akulula kodwa nizabalaze kunzima, naphokophelela phambili,” kusho uNkk Frazer.
Ngaphandle kwabafundi abenze kahle, kuphinde kwahlonishwa nothisha balezi zikole, kanti uNksz Nombuyiselo Gwiji ongowokudabuka e-Eastern Cape, odonsa udilikajele eWestville, ushayelwe ihlombe ngokuphothula i-Masters degree yakhe emkhakheni wokufundisa.