ZIDLULISELWE ngokusemthethweni emindenini izidumbu zezithandani ezimbili ezasha zilele eSiyanda, KwaMashu ngoMeyi nonyaka.
UNksz Philisiwe Gumede (21) noMnuz Andile Shabalala (24) basha nendlu ngoMeyi 27 ngesikhathi kubuya ugesi ngamandla kade kunokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Unina kaNksz Philisiwe Gumede, Nksz Ntombincane Gumede utshele Isolezwe ukuthi bathole ucingo ngoLwesibili kumphenyi wecala, ethi abaye emakhazeni kahulumeni ePhoenix.
Uthe bafike bathola ukuthi sebengasithatha isidumbu sikaPhili.
“Emva kokushona kwakhe sasitsheliwe ukuthi sizolinda izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuba sibuyiselwe isidumbu. Kwakuthiwe kuzoqala kuyokwenziwa ulibofuzo,” kusho uNksz Gumede.
Ubuye waveza nokuthi yize kade babefuna ukuthi lufike lolu suku lokuthi babuyiselwe isidumbu sikamufi ukuze naye ayobekwa endaweni yakhe yokugcina, aphumule kodwa abazi ukuthi bazomngcwaba ngani.
“Okwamanje sisathole usizo lwamakhaza nebhokisi kumasipala kodwa okunye okufana nokudla, imoto ezosithwala isisusa eSiyanda lapho sifihle khona ikhanda, siya KwaNyuswa lapho sivela khona, itende nokunye okudingekayo uma kushoniwe asikabi nakho.
“Sifisa ukungcwaba ngeSonto, ngoba usehlale isikhathi eside emakhazeni,” kuchaza uNksz Gumede.
Lezi zithandani zehlelwa inhlekelele zikade ziye emlindelweni endaweni.
UShabalala onguyise wengane kaPhili wamyalela ukuthi angabe esagoduka ngoba akuphephile, uzohamba ekuseni sekukhanya kanti kuzokwehla le nhlekelele.