KUZONCIPHA izindleko kwabafuna ukuvakashela kwezinye izifundazwe kulo Disemba njengoba iPassenger Rail South Africa (Prasa), imemezele ukuthi sezibuyile izitimela ezihamba amabanga amade.
Kusukela ngoDisemba 8, izitimela ezisuka eGoli (Park Station) ziye eThekwini (Durban Station) zizotholakala ngoR170 kwabafuna ukuhlala nabo bonke abantu bese kuthi abafuna ukuhlala ngabodwana babe negumbi lokulala zibe wuR360.
UNksz Andiswa Makanda okhulumela iPrasa, uthe bayazi ukuthi ngoDisemba abantu basuke benezindleko eziningi ngakho badinga ukubuyela emakhaya nokuvakasha ngemali engambi eqolo.
Uthe abafuna ukonga izindleko mabagibele izitimela zabo zamabanga amade ezidume ngele-Shosholoza Meyl.
Zizobe zikhona izitimela ezisuka eGoli ziye eCape Town zona zibiza uR430 kwabahlala neningi bese abafuna igumbi lokulala bakhokhe uR690.
Kuthiwe zikhona nezitimela ezisuka eGoli ziye eLimpopo, kanti zona bezivele zihamba kodwa ezisuka eGoli ziye eThekwini naseCape Town bezingahambi kule minyaka emibili edlule.
Imizila yalezi zitimela yayivaliwe ngenxa yokucekelwa phansi kwengqalasizinda yezitimela okwaholela ukuthi zingahambi ngo-2021.
UNksz Makanda uthembise abantu bazobe bephephile njengoba kujutshwe nonogada.
Abafisa ukuhamba ngezitimela bangashayela u-011 013 0231/2/3 noma u-012 748 7362 kumbe u-015 299 606 noma bavakashele ihhovisi leShosholoza Meyl eliseduze nabo ukuze bathenge amathikithi.