USHAYE ungqimphothwe wathi akasayidingi ibheyili owesilisa waseNtuzuma obhekene necala lokudlwengula nokubulala owesifazane ongumakhelwane wakhe.
UMnuz Sanele Ndlela (42) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngecala lokudlwengula nokubulala uNosipho Shabangu (19).
Kuvela ukuthi umufi wanyamalala ngoKhisimusi nyakenye, isidumbu sakhe satholakala ngakusasa ngemuva kwendlu yesonto khona eNtuzuma.
Kusukela lapho amaphoyisa abefuna umkhondo womuntu oyamaniswa naleli cala kodwa engamtholi.
Isidumbu satholakala sigundiwe ekhanda futhi sinenxeba lokugwazwa emqaleni simboziwe ngengubo. Kuvela nokuthi kwakunezinkomba zokuthi umufi uqale ngokudlwengulwa ngaphambi kokuba asocongwe.
Emasontweni amabili edlule uNdlela uzinikele emaphoyiseni ngalo leli cala. Ngesikhathi evela okokuqala wavuma ukuthi uzofaka isicelo sebheyili.
Kodwa izolo, ngomlomo wommeli wakhe, utshele inkantolo ukuthi useyawushintsha umqondo angeke esasifaka isicelo sebheyili.
Unina kamufi, uNkk Thembi Shabangu, uthe kwamlimaza kakhulu ukubulawa kwendodakazi yakhe ngesihluku esingaka.
Uthe osekumhlukumeza kakhulu ngaphezulu kwezinto zonke ukwazi ukuthi umuntu ozinikele emaphoyiseni ngecala lokubulala indodakazi yakhe ngumuntu amaziyo, ongumakhelwane wakhe.
"Bengingakaze nje ngicabange ukuthi kungaba umuntu engimaziyo lo oboshelwa icala lokubulala indodakazi yami. Lento iyangihlukumeza kakhulu emoyeni wami,'' usho kanje.
Uthe kwashabalala ithemba kuyena ngempilo engcono njengoba wonke amathemba akhe ayewabeke kuyona indodakazi yakhe eyabulawa yenza uGrade 10.
"Kuningi okuhle ebengikubhekile kuyena. Angikaze ngizitshele ukuthi kungavele kuphele nje kalula kanjalo ngempilo yomntanami,'' usho kanje ehlengezela izinyembezi.
Ngaphandle kwasenkantolo bekubhikisha amalungu omphakathi abekade edlubhe izikibha zoMkhonto weSizwe.
Abephethe izingqwembe ezinemibhalo eyahlukene. Phakathi kwemibhalo ebikade ibhaliwe kukhona ethi: "Phansi ngomdlwenguli, makagqunywe ejele umbulali nomhlukumezi wabantu besifazane.''
IMantshi, uMnuz Zuma (elingatholakalanga igama lakhe) icala ilihlehlisele uNovemba 9.