ZETHULE izikhalo zazo ekomitini lePhalamende izinyunyana zamaphoyisa. Zikhononde kakhulu ngezinselelo ezibhekene namaphoyisa, ezinqinda izinhlelo zokulwa nobugebengu.
Phakathi kwezinyunyana ebezikhona kubalwa iPopcru, Sapu ne-Ipusa. Zibikele usihlalo wekomiti lamaphoyisa uNkk Tina Joemat-Peterson, ngezingqinamba ezithikameza umsebenzi wamaphoyisa.
UMnuz Tshepo Matsane, ibamba likanobhala jikelele weSapu, ukhale ngobugebengu obuhlasele ezweni wathi bakathazekile ngabo.
Ukhononde ngobuncane kwemali enikezwa labo abaqeqeshelwa ukuba amaphoyisa kuleli okunguR4 500 ngenyanga.
“Incane imali ekhokhelwa isikhathi esengeziwe eholwa amaphoyisa. Ukuncipha kwesibalo samaphoyisa kwenza ukuthi iphoyisa elilodwa libheke abantu abaningi. Akwandiswe isibalo samaphoyisa ukuze kuqiniswe impi yokulwa nobugebengu,” kukhononda uMatsane.
Unobhala jikelele wePopcru uMnuz Jeff Dladla, uhlabe ikhwelo lokuthi kuqiniswe uphiko olunqanda ubugebengu eziteshini ukuze kuliwe ngendlela nobugebengu.
Wathi kumele ziqedwe iziteshi zamaphoyisa ezingomahamba nendlwana ngoba zishoda ngamaphoyisa kanjalo nezinsiza.
“Iyasikhathaza indaba yokushoda kwezimoto njengoba isibalo sazo sehle sisuka ku-52 342 ngo-2014, saya ku-49 784 ngo-2022. Amathoshi okusebenza nemisakazo kuyashoda. Angiyiphathi ke eyalapho kubhaliswa khona izibhamu yinto esesikhulume ngayo kwaze koma amathe. Akukho okulungayo kuyona. Yingakho kukhona inqwaba yezibhamu ezisabalele emphakathini okubulawa ngazo amaphoyisa,” kukhala uDladla.
Uqhube wathi bafuna kufakwe amakhamera angamaCCTV eziteshini zamaphoyisa, kwakhiwe nezindawo zokuhlala amaphoyisa eduzane kweziteshi.
“Isencane le mali enguR700 enyuswe isuka kuR400, etholwa amaphoyisa ngokusebenza engozini. Sifuna le mali inyuswe ibengu-R1 500 ngenyanga. Akuqiniswe ukusebenzisana phakathi kwamaCPF kanjalo namaphoyisa empini yokulwa nobugebengu.”
Umengameli we-Ipusa uMnuz Bethuel Nkuna, ukhale ngemali enguR250 000 etholwa wumndeni uma kushone iphoyisa emsebenzini wathi ayenele uma uyiqhathanisa nempilo yomuntu.
Udalule nokuthi ziningi izizathu ezenza amaphoyisa enze ubugebengu.
UNkuna ubeke kanje:“Ukungakhokhelwa ngendlela kungaba ngezinye zezizathu ezenza amaphoyisa enze ubugebengu. Kodwa nodaba lokungahlolwa ngendlela kwabangena kulo mkhakha, kwenza ukuthi kungene abantu abangafanele kulo mkhakha.”
Ukhale ngokuthi miningi iminyaka echithwa amaphoyisa esikhundleni esisodwa ngaphambi kokudlulela kwesinye.
ULieutenant-General Lineo Ntshiea, obhekele ezokuqasha emaphoyiseni, uthe basanda kuyinyusa imali ethinta ukusebenza engozini wavuma ukuthi uR700 mncane.
Uthe uyazi ngeke okwamanje ifinyelele kule mali efunwa yizinyunyana kodwa abaphathi bazimisele ukuyinyusa.