SIBI isimo esikoleni sasoThongathi, iSarasvati Primary, emva kwesigameko sokushaywa kulinyazwe uthisha ngabanye othisha, ngaphakathi emagcekeni esikole ngeledlule.
Abasolwa bavulelwe icala wumgilwa ngoLwesihlanu kanti kuthiwa bashaqwe ngamaphoyisa ngoMgqibelo. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yendawo namuhla.
Isolezwe lixoxa nomthombo ongaphakathi kulesi sikole, uthe udweshu luphakathi komgilwa nothishanhloko oqashwe ngo-2015.
Uqhube wathi izinto ziqale ukungahambi kahle phakathi kwabo ngo-2017.
“Lokhu kweza emva kokuthi kubuye imiphumela yophenyo olwalufakwe ngumgilwa ukuthi kuphenywe mayelana nokuthi uthishanhloko uqashwe ngokufanele yini esikhundleni,” kusho umthombo.
Uthe emva kokubona ukuthi impilo yakhe isengozini uma eqhubeka nokulandelela lolu daba, wakhetha ukuluyeka.
Uthe lokhu akuzange kumsize njengoba kuqhubekile ukungahoshelani phakathi kwakhe nothishanhloko.
“NgoDisemba kwenzeke isigameko lapho othisha abane, okukhona kubo nezihlobo zakhe uthishanhloko, bezame ukumkhipha ngenduku umgilwa emotweni yakhe befuna ukumshaya,”
Uthe wakwazi ukuphunyuka kulokho umgilwa kodwa ngoLwesibili ngeledlule akabanga nenhlanhla njengoba uthishanhloko evele wabiza umhlangano nothisha besikole.
“Emhlanganweni uthe ufuna ukuzogcizelela ukuthi yena akanankinga nomgilwa maqede waphuma wahamba. Kuthe esephumile, umgilwa esethi uyaphuma naye, izihlobo zikathishanhloko zavala isicabha, zambuza ukuthi usifunani isihlobo sazo. Yilapho ashaywe khona ngomshiza,” kusho umthombo.
Uthe bamshaye emzimbeni kodwa walimala kakhulu ekhanda njengoba bekuyilo ebebenalo shaqa. Uthe uzibona engaphephile, uyafisa ukuthi kungenelele abazoxazulula le ndaba ngoba angeke akwazi ukusebenza ngaphansi kwalesi simo.
USihlalo weNatu kwisifunda seLembe, uMnuz Siyabonga Mthuli, uveze ukuthi babikelwe ngodaba.
Uthe udaba selubikiwe ezinhlakeni ezehlukene okukhona kuzo izinyunyana zothisha abathintekayo noMnyango wezeMfundo.
“Silubikile emnyangweni udaba lukathisha, sizoya khona esikoleni ngenhloso yokuthi siyophenya kabanzi ngalo,” kusho uMthuli.
Uthe bathole ukuthi kusuka ngo-2017 uthisha ubengahleli kahle kodwa ebekezele.
“Uze wakhuluma manje ngoba esebona ukuthi useyahlaselwa, uyalinyazwa,” kusho uMthuli.
Uthe uma singatholakali isixazululo sokuthi labo thisha basebenzisane ngokuthula, bazokwenza isiphakamiso sokuthi kube khona oyedwa ohambayo ayofundisa kwesinye isikole.
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, usigxekile isigameko, wathi abakwamukeli nhlobo ukuhlaselwa kothisha ezikoleni.
“Lesi sigameko senzeke kubuka nezingane. INatu ikhathazekile ngokwanda kwezigameko zokuhlaselwa kothisha ezikoleni. Sinxusa izinhlaka ezifanele ukuthi zisungule uphenyo oluzophenya ngesigameko,” kusho uMalinga.
Uqhube wathi unxusa ukuthi othisha basebenzisane ngokubambisana, bakhombise ukukhula ngokuthi bangahlaselani ezikoleni.
“Esikulindele kubo ukuthi babe yisibonelo ezinganeni abazifundisayo, bangenzi into ezobeka izimpilo zabo engozini iphinde idwebe isithombe esibi ezinganeni abathenjwe ukuthi babe yisibonelo esihle kuzo,” kusho uMalinga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLiutenant Colonel Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa sasoThongathi.
“Abesifazane ababili, oneminyaka engu-24 nonengu-35 baboshelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam,” kusho uLt Col Gwala.