KUBOSHWE omakhelwane ngokubulawa ngesihluku kwesalukazi nomzukulu abebengcwatshwa ngeSonto, okuthiwa bebesinuka ngokuthakatha emva kokushona kwezihlobo zabo.
UNksz Busisiwe Ntombela (65) nomzukulu wakhe uSimangaliso (2), kuthiwa bahlaselwe ngabasolwa basendaweni ebusuku belele ngesonto eledlule. Abasolwa kuthiwa baqale bakinatela isicabha ngocingo ngaphambi kokuthi bokhele indlu ngomlilo obekulele kuyo uNksz Ntombela nabazukulu bakhe ababili abehlala nabo abaneminya ephakathi kwemibili nengu-14.
Kuthiwa ukwazile ukuphuma ngewindi nabazukulu bakhe, okuthe uma abasolwa bembona bamlandela, bamcoboshisa yena noSimangaliso. Umzukulu ona-14 kuthiwa ubaleke wayongena kamakhelwane, wababikela osekwenzekile.
Kuboshwe abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-24 no- 40 okuthiwa bawomakhelwane nalo mndeni; okungoMnuz Celi Khulu, uMnuz Thembinkosi Nkosi noMnuz Simon Mbatha. Bebevele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu ngoLwesihlanu, kanti kulindeleke ukuba babuyele enkantolo efanayo kuleli sonto ukufaka isicelo sebheyili.
Umsolwa wesine udedeliwe emva kokungatholakali kobufakazi obumhlanganisa necala.
Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa elikhulume neSolezwe, lithe ngemva kokubika kwengane ngosekwenzekile, akupholiswangwa maseko, kwahlatshwa umkhosi kwanikelwa endaweni yesigameko.
“Sifika indlu abebeshiswa nayo ibisavaliwe kodwa amawindi evuliwe. Ebangeni elingelide kakhulu ukusuka kulo muzi, umphakathi uzithele phezu kwesidumbu sikaMaNtombela nomzukulu wakhe. Bengibajwayele kakhulu futhi akukho mina ebengike ngezwa kuthiwa kunabangazwani nabo,” lisho kanje ilungu.
Elinye ilungu lomphakathi lithe komakhelwane ababoshiwe, bebenuka uNksz Ntombela ngokuthakatha njengoba kuthiwa kunabemindeni yabo abashona eminyakeni embalwa edlule emva kokugula.
“KwaKhulu kwashona isalukazi sakhona, emva kwalokho omunye ubaba khona endaweni wahlohla uCeli (24), wathi uninakhulu ufe ngenxa yokuthakathwa umgilwa. Nomsolwa wakwaNkosi, washonelwa yingane yakhe, kwasolwa lesi salukazi kangangoba wayeze aphumisele ethi usazoziphindiselela kowabulala ingane yakhe. KwaMbatha kwashona ubaba wekhaya, iminwe bayikhomba kuNksz Ntombela,” kusho ilungu lomphakathi.
Kuthiwa abasolwa ababili baboshwe ngalo usuku lwesigameko emva kokuthi oyedwa kubona efike endaweni yesigameko wazidlisa satshanyana kusangungiwe kumangelwe, amaphoyisa aqaphela okuthile, zamkhalela. Alandele umkhondo kwaboshwa nomsolwa wesibili. Ababili kuthiwa zibakhelele ngakusasa kodwa omunye kubona wadedelwa emva kokuthi kubekhona akuvezile ukuthi ubengekho, okuthiwa kwenzeke ngesikhathi egonyuluka ngokwenzekile.
Imizamo yokuthola umndeni ayiphumelelanga ngoba izingcingo intatheli ebinikezwe zona bezingangeni. Kodwa kuvelile ukuthi umngcwabo bewuqhubeka khona izolo.
UMnuz Nkosinathi Mavundla oyikhansela nenduna yendawo, uthe isigameko esinje asiqali ukwenzeka njengoba ekuqaleni konyaka kubekhona abazame ukushisa nendlu yesalukazi nekhehla abaphume benezibazi zokusha kodwa kwangabakhona ofayo.
“Udaba lokunukana lufikile kithina salukhuza ngoba akunabufakazi obuphathekayo. Sasithi sigwema igazi elingase lichitheke, nakhu ke sekwenzeka. Abagilwa abangcatshelwanga KwaNkobe, bathathwe wumndeni wabo okwesinye isigodi KwaNkabane. Nakuba kunzima kodwa siwumphakathi sizidelile, saya emngcwabeni yize isigameko esinje sisinemba kabi siwumphakathi futhi singenalo ulwazi ukuthi umndeni uzosamukela kanjani. Uthe amadodana kamgilwa ayasebenza, ubezihlalela nabazukulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa babhekene namacala amabili okubulala, elokuzama ukubulala nelokushiswa kwempahla.