UMNDENI ufuna ahlanze iqiniso uma sekuqulwa enkantolo icala owesilisa osolwa ngokubulala owesifazane waKwaQwabe Location (eTsheni), eMthwalume. Kunezinsolo zokuthi umbulale ngesihluku kubangwa ukudayiselana ngocansi.
Kulesi sigameko, uNksz Mbali Ndaba (38) kuthiwa uxhifwe ngetshe, waklinywa, wayophoswa emhosheni ngumsolwa (18), ngesikhathi bebuya emcimbini obusendaweni.
Ngokusho komthombo, kuthiwa umlisa uhambe wayoziceba emndenini wakhe ngemva kokwenza isigameko. Kuthiwa uthe ubethenge ucansi kumufi.
Kuthiwa bayile ocansini esikhotheni okokuqala, kwathi uma esethi abaphinde, umufi wamshintshela wathi uzombophisa ngecala lokumdlwengula, wavele wabona kungcono ambulale.
Umzala kamufi, uNksz Khangisile Shabane uthe bewumndeni abalukholwa udaba “lokudayiselana” ngocansi.
“Yini ebizodala ukuthi avume okokuqala, bese esabisa ngokumbopha uma esethi abaphinde? Kithina lolu hlangothi aluwenzi umqondo. Sikholwa ukuthi ubemdlwengula, wase embulala uma esezwa ethi uzombopha,” kusho uNksz Shabane.
Uqhube wathi ukutholwa kwengubo kamufi yangaphansi endaweni yesigameko, nokutholwa kwakhe egqoke ibhulukwe lagcina ngezansi kwezinqe, liphendukezelwe kubashiye nemibuzo.
“Yini ebizokwenza ukuthi agqoke ibhulukwe uhhafu aphinde alihlanekezele? Yini ebizokwenza akhohlwe ukugqoka ingubo yakhe yangaphansi, ayishiye endaweni yesigameko? Lokhu thina kusidwebela isithombe sokuthi umgqokise yena, esembulele,” usho kanje.
Elandisa ngokuthola kwabo ngesigameko, uthe bathole ngaso ngoMsombuluko, sebevele beqalile ukukhathazeka ngokuthi kungani ehambe waya emcimbini ngeSonto wangabuya.
“Kufike iphoyisa lenduna, lihamba namaphoyisa omthetho, bezobikela umndeni ngokuthi umsolwa usewabikele ngesenzo sakhe, waze wayowakhombisa nendawo yesigameko,” kusho uNksz Shabane.
Uthe bathole ukuthi umsolwa wehlulekile ukufihla isigameko, waziceba emndenini wakhe, umalume wakhe wavuka inja ebomvu wathi akahambe ayoziceba emaphoyiseni.
“Indlela enze ngayo umalume siyishayela ihlombe siwumndeni. Kodwa siyafuna ukuthi le ngane igonyuluke ngokuthi yini le engaka eyenze ukuthi ize imbulale uMbali. Sisamangele futhi sishaqekile ngesenzo sayo. Ukube imbulale maqede yangaziceba, besingeke nhlobo sisolele ngakuyo ngendlela encane ngayo futhi iphinde ibe ngumakhelwane,” usho kanje.
Owenhlangano elwela abantu besifazane nezingane, iWomen of uMthwalume, uNksz Nombuso Sibisi uthe buyashaqisa ubulwane obenziwe ngumsolwa ebe emncane ngeminyaka.
“Kuyasikhathaza ukuthi ubugebengu obuhlasimulisa umzimba kanje benziwe yingane encane kanje ebesinethemba lokuthi izokhula ibe yindoda yangempela,” kusho uNksz Sibisi.
Uthe lokhu kubanika isithombe sokuthi mhlawumbe lobu bulwane intsha ibubukela emadodeni asekhulile, wathi bazoweseka umndeni, balibheke nangamehlo abomvu icala uma seliqhubeka enkantolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseMsinsini, abophe owesilisa ngecala lokubulala owesifazane eQwabe Location.
“Kubikwa ukuthi isidumbu sikamufi sitholwe emfuleni sinamanxeba okulinyazwa,” kusho uNetshiunda.
Uthe umsolwa uvele ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseTurton. Icala lihlehliselwe uLwesibili.