IPHINI lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uCedric Kaze, likuchaze njengegxathu eliya phambili ukudla kwabo isicoco se-Home of Legends Cup kwiMamelodi Sudowns ngoba kuzobakhuphulela ukuzethemba emidlalweni yeBetway Premiership.
UKaze noKhalil Ben Youssef, yibona abebesebhentshini ngesikhathi iChiefs inqoba ngo 5-4 kwiSundowns sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu walo mqhudelwano wosuku obuphele zibambene ngo 0-0, obubanjelwe eGqeberha, ngoMgqibelo.
Leli phini laseBurundi bekuyilona elihola iqembu kwazise inhloko yabaqeqeshi, uNasreddine Nabi, iyalulama ekhaya kulandela ukuhlinzwa okuchazwe njengokungatheni.
IChiefs izifake kowamanqamu ngokuguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 ngaphambi kokuthi iSundowns iwine emaphenathini kade ibambane ngo 0-0 neChippa United.
Lo mqhudelwano iChiefs egoduke kuwona nesheke lika-R1.5 million ubungoMgqibelo, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
“Kwabaningi lo mqhudelwano ungabukeka ungelutho kodwa kithina bekumqoka ukuwuwina ukuze sizoya kweyeligi sihambela phezulu,” kusho uKaze kwabezindaba.
“Ayisihleli kahle ifomu yethu kweyeligi lapho sikholelwa ekutheni kufanele ngabe sinesibalo samaphuzu esingcono kunalesi esinaso emuva kwemidlalo esesiyidlalile,” kuqhuba yena.
Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa. Anqobe imidlalo emibili, adlala owodwa ngokulingana, ahlulwa kwemibili.
Ngemuva kwekhefu lemidlalo yeFifa, iChiefs izobuya ngokwamukela iRichards Bay FC ngoNovemba 27 koweligi ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Okube kuhle kunakho konke ukuthi siwina nje, ngesikhathi esifanayo nabadlali abangalijwayele ijezi sibanike ngokwanele ithuba lokulula imilenze emdlalweni obungelula nokho.
“Kusemqoka nokho ukungabajahi ikakhulukazi laba ababuya ekulimaleni njengoSam (Bongani). Bonke bazolithola ithuba lokuziveza kumqeqeshi njengoba abanye babo benzile kule midlalo,” kusho uKaze.
Kule midlalo yangemeplasonto edlule, iChiefs isebenzise abadlali obese kunesikhathi bengabonakali enkundleni ngenxa yokwahlukana kwezizathu okubalwa uBongani Sam, Mduduzi Mdantsane, Nkosingiphile Ngcobo, Pule Mmodi noTebogo Potsane.