UKHALA ezimathonsi unkosikazi ngonontandakubukwa onguSabelo ‘Ntombeningi’ Sithole othandana nabobulili obufanayo, athi usanda kuthola ukuthi uthandana nomyeni wakhe.
UMbali Ngubane waseZakariyya Park, eGoli uthi uphelelwe amandla ngemva kokubamba ukuthi indoda yakhe engumculi we-Afro pop, ijola noNtombeningi.
Omunye wabasondelene noMbali, esiligodlile igama lakhe uthe umngani wakhe usefisa nokukhipha isisu sengane ayikhuleliswe ngumyeni wakhe, uMnuz Muzi Gazide owaziwa ngoMziwa, weqembu le-Afro pop Impande.
“Akungeni ngisho ukudla kumngani wami ngenxa yesenzo sikaMziwa. Ubengamazi umyeni wakhe ukuthi ubuye athandane nabobulili obufanayo. Kumanje unezinyanga ezimbili ekhulelwe futhi usecabanga nokukhipha isisu ngenxa yokudidwa yilesi simo. Yena ubazi ukuthi uMziwa noNtombeningi bengabangani futhi behlanganiswe wumsebenzi. Kunezikhathi lapho uMziwa abeke ahambe ethi uqashwe uNtombeningi emicimbini yakhe kanti bayajola. Uma uMziwa bendawonye noNtombeningi bebeze bafonele yena uMbali njengabangani. Ngisho ekhuluma ocingweni uNtombeningi ubekhombisa ukumhlonipha uMbali ngoba emazi ukuthi ungunkosikazi kaMziwa. Ubeze ambize ngomama wekhaya kanti umenza isilima uyazi ukuthi usethandana nendoda yakhe. Indaba yonakale uMbali esebamba ingxoxo kwiselula yomyeni wakhe ekuveza ngokusobala ukuthi bayathandana,”kusho umngani.
Kuthintwa uMbali, uthe usasaba ngisho ukukhuluma ngale nto ngoba nomyeni wakhe akakambuzi ngayo.
“Angazi nokuthi kumele ngiqale kuphi ngendlela engithuke ngayo. Sekunesikhathi ngithandana noMziwa bengingazi ukuthi ubuye athandane nabanye besilisa. Okungiphathe kabi kakhulu engxoxweni yabo bangibiza ngamagama alumelayo,” kusho uMbali.
Isolezwe Ngempelasonto linazo izingxoxo zikaNtombeningi noMziwa ezibanjwe kwiselula kaMziwa. Bebehlala betshelana indlela abakhumbulene ngayo benza nezinhlelo zokubonana. Kwesinye isikhathi bebencoma indlela abajabulisane ngayo kade bendawonye baphinde babuzane ukuthi uzobe ekhona yini uMbali ukuze bavakashelane uma engekho. Kukhona nala bebemgcona khona bembiza ngogogo, baphinde bambize nangobheseni.
UMbali uthe akasebenzi wondliwa ngumyeni wakhe, wathi akazi noma wenza lokhu ngoba azi yini ukuthi vele uthembele kuyena.
Kuthintwa uNtombeningi, uvumile ukuthi bayathandana noMziwa.
“Ayibo webhuti wami ngeke nje ngilokhu ngikuqambela amanga, siyathandana noMziwa. Akumina engamshela uyena owazizela. Bengivele ngazi ukuthi bashadile. Naye uMziwa ngambuza ngesikhathi engishela ukuthi uzomisa kanjani ngoba unonkosikazi. Wavele wangitshela ukuthi yena waphoqwa wumndeni ukuthi ashade umuntu wesifazane kodwa uthanda abanye besilisa. Bengingeke-ke ngiyeke ukheveve lwensizwa enhle kanje ngibe ngizwa ukuthi nami nginemizwa yayo, ngayiqoma. UMbali akanyuse isitofu sakhe sibe ku-12 njengesami ngoba uma singaphansi kwalokho uzosala bandla. Anginendaba mina ngoba akumina engasukela indoda yakhe. Okungidabukisayo nje ukuzwa ukuthi ukhulelwe kodwa ngeke ngimyeke uMziwa,” kusho uNtombeningi.
UMziwa uthe yena ungumngani noNtombeningi abajoli.
“Mfowethu yazi kumanje angazi nokuthi kumele ngenzenjani. Mina singabangani noNtombeningi, kodwa indlela osekukhulunywa ngayo isingenza ngisabe nokuphumela emnyango ngoba abantu bayakholwa ngempela ukuthi siyathandana. Ngisaba ngisho nokubheka umndeni wami. Kumanje selokhu ngiqale ukuzwa lento ngisaba nokubuyela kunkosikazi wami ngoba angazi ngizombhekelwa ngubani, sengize ngicabange nokuthatha isinqumo esizokwenza ukuthi ngihlukane unomphela nale nto,” kusho uMziwa.
UMziwa uveze ukuthi baqale ukujwayelana ngoFebhuwari nonyaka noNtombeningi, okuyisikhathi esifanayo uNtombeningi athe baqale ngaso ukujola noMziwa.
Ukuqinisekisa ukuthi bayajola noMziwa, uNtombeningi uthumele nenkulumo kaMziwa eqoshiwe ayeyithumelela uNtombeningi, embiza ngodali wakhe, encoma nokuthi ulidlalisa kamnandi ulimi lwakhe.