NGIFISA silungise okuthile nabantu besilisa. Indaba yokwesaba ukuthi kushintshwe isitayela ocansini. Abanye basaba ukuthi uma nike nashintsha, induku izowa bhu! Nisaba nokuthi ingase iphelelwe amandla noma ingasawanga bhu.
Ngikhuluma ngegenge okuba wumzukuzuku ukuthi ilungele inkonzo yasekamelweni ngoba induku ingaphaphami noma isitsheliwe ukuthi ayiqine.
Bayakhala abantu benu bathi bayahalela ukuthi benze izitayela kodwa inkinga yinduku. Bathi kuthi uma seniyifakile anibe nisafuna ukuyinyomula ngoba nesaba ukuthi izoshaywa umoya bese ithi yethe.
Abantu benu bathi ngisho sebebitoza bezama ukunikhombisa ukuthi bafuna kushintshwe isitayela kepha cha, niyenqaba.
Jikijiki induku isishwabene. Into eyenza ukuthi ngibhale ngalolu daba wukuthi kukaningi abesifazane bebalisa ngokuthi kukhona le genge engafuni kushintshwe isitayela sokukhonza futhi kumele ithole usizo.
Siyakuqonda ukuthi abantu besilisa kuningi ababhekene nakho kodwa kubuhlungu ukuphoxwa yithuluzi lakho kade usuzimisele ukuthi uzokwenza umsebenzi. Kubuhlungu kithina besifazane ukuthi uma usuzimisele kodwa ujike unganeliseki. Kubuhlungu ukuhambela ubala uthole ukuthi awusajabulanga, awukwazi nokuphenduka ngoba umahlokohla lo uma nje eke waphuma uyajokola.
Ngicela amadoda ukuthi abhukule alungise le nkinga ebonakala njengehlazo neyenza ukuthi abesifazane bangayeki ukuhleba ngani. Ukuba ntekenteke kwenduku ngenye yezinto edala ukuthi owesifazane agcine esephumela ngaphandle eyothungatha olunye uhlobo lwepayipi okungenzeka ukuthi alijabhi ngobala.
Uma uyindoda kumele ungazitheli ngabandayo uma ubona ukuthi induku yakho iyakhophoza. Noma ithi uma iqina, bese iyazotha nje esikhaleni. Kusuke kukhona okungahambi kahle. Kumele ubonane nodokotela akuxilonge abheke ukuthi konakelephi. Ukukhophozelelwa yinduku owesifazane esebitoza esifubeni sakho ibuhlungu kabi, ingaze ikwenze ube nokungazethembi.
Asizijwayeze ukuchatha nokuhamba odokotela. Uhlole umzimba wakho, uwukhuculule. Kumele uzijwayeze futhi nokuzivocavoca ukuze umzimba wakho uzokhululeka ube lula.
Okunye okungadala inkinga endukwini yizinto enizidlayo neniziphuzayo. Konke lokhu kumele ukwazi ukukulawula wena mnikazi wenduku, ukuze ugweme ukuphoxeka nokuphoxa. Ijulile indaba yenduku ekhophozayo futhi akumele niyithathe kancane. Empeleni nje umjojantaba kumele uziyeke enkomeni ungalekelelwa ngokubanjwa. Uma kumele uyibambe uyithume ngesandla sakho, bhasobha kukhona okungahambi kahle. Sukuma!
Abantu abazilaphe bakwethu, kuza nesikhathi samaholidi futhi abantu bayagoduka baya emakhosikazini abo. Ungafiki ekhaya nenduku engafuni nakusukuma. Sisekhona isikhathi, ungaya kudokotela noma uchathe.
Niziqaphele nokho lezo zimbiza enichatha ngazo, nibuzisise izikalo zakhona ukuze zinganigulisi. Uma ufika ekhaya, unkosikazi akajabule ngoba kade akugcina. Nathi bantu besifazane asilithandi elingenawo umdlandla bakithi. Nathi asizilungiselele, siwashe amashidi anuke kamnandi, umyeni angafikeli ekameleni elinuka isimuncwane.