Umbuzo:
Sawubona MaGumede. Ngineminyaka emine ngithandana nowesifazane. Inkinga uma egodukile eye kubo angimtholi ocingweni. Uma nje kuke kwashaya ihora lesithupha ntambama akatholakali. Sengiphile nale nkinga isikhathi eside ngithi kuzoshintsha. Sengiyahluleka kulolu thando, ngicela imibono ngoba uma ngibuka ucingo lwakhe kwi- WhatsApp, kunenombolo thizeni ayivimbile aphinde ayidedele. Angisamethembi ngempela. Kwenziwanjani uma kunje?
Impendulo:
Mhlawumbe unesizathu esizwakalayo sokuthi enze le nto ayenzayo. Awuke umhlalise phansi ukhulume naye umbuze ebese umchazela ukuthi uzizwa kanjani ngale nto ayenzayo. Angifuni ukuthi silokhu sihlawumbisela ngokuthi mhlawumbe unesoka emakhaya. Yebo, izenzo zakhe ziyasolisa kodwa kungakuhle uzwe ngaye ukuthi kungabe yini imbangela, ngiyathemba uzokutshela into eqondile.