UMLINGISI wodumo kuMkhokha The Curse, uKwezi Ndlovu, ugiye wabuya nganeno emuva kokuba isoka lakhe elingusomabhizinisi, uSibongiseni "Mageza" Mbambo, lizishaye zonke kubo ngeSonto eledlule.
UKwezi, odabuka eClermont, ufake isithombe esihambisana nombhalo obuveza ukuthi ubezolotsholwa ngabakwaMbambo.
Injabulo yale ntokazi, ebilingisa indawo kaNobuntu Gumede wokuqala, isheshe yadungwa ngamahlebezi asatshalaliswe ngunontandakubukwa owuMusa Khawula.
Leli qhalaqhala libike ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uKwezi wantshontsha isoka lomngani wakhe maqede walimithela ngokushesha.
UMusa ubuye wadalula nokuthi uMageza unezingane ezingu-17 angazinakile ekubeni enoxhaxha lwamabhizinisi okubalwa kuwo iMushroom Lounge.
Eziphendulela ku-X (Twitter), uKwezi uthe ufuna ukuqala ngokucacisa ukuthi umyeni wakhe akashadelwe futhi ubengakaze washadelwa phambilini.
"Imindeni yethu nezingane zethu bonke bayaluthakasela lolu hambo lwethu. Sijabule ngesisekelo esiqinile sothando lwethu nobunye obakhiwa yimindeni yethu kanye nathi. Sikulangazelele ukukhula nomndeni wethu."
Eqhubeka uKwezi uphike walala ngomhlane ukuthi wake wantshontshela nanoma yimuphi umngani wakhe indoda.
"UTina Mbambo umngani wami omkhulu futhi ujabule emshadweni wakhe nomyeni wakhe. Umyeni wami nokaTina bayizelamani, okwenza lo mzuzu kube ngokhethekile kithi njengabangani abaqotho." Uthe okubuhlungu ukuthi kunabantu abasabalalisa amampunge kodwa wanxusa abantu ukuba bawashaye indiva amanga.
Ubuye wacacisa ngokuhloba ngemvunulo yesiXhosa ekubeni eyintombi yomZulu, uthe unegazi lobuXhosa ngasohlangothini lukanina. Esephetha uthe amalungiselelo omshado ahamba kahle kakhulu.
UKwezi noMageza babusiswa ngamawele ngoFebhuwari walo nyaka.