UConstable Siyabonga Thango (32) uhlangabezane nokufa ngoLwesihlanu ngesikhathi yena nozakwabo betholana phezulu nabasolwa abebegebenga ibhizinisi eVosloorus.
Ngosuku lwesehlo, uThango obesebenzela uphiko olulwa nobugebengu nozakwabo baphuthume endaweni obekugetshengwa kuyo ibhizinisi.
UBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa uthi ithimba labaphenyi lihlanganise izinsizakusebenza ukuthungatha ababulali bephoyisa okuthiwa langena embuthweni ngo-2018.
“NgeSonto ekuseni, abaphenyi bathole umkhondo wabasolwa khona kuleli lokishi laseVosloorus. Ngesikhathi efika amaphoyisa, abingelelwe ngenhlamvu ehlaselwa ngabasolwa.”
Amaphoyisa aphindiselile kulokhu kuhlaselwa, kwalimala umsolwa oyedwa oneminyaka engu-27 ubudala ogcine eshona esesibhedlela. Umsolwa wesibili oneminyaka engu-29 naye uboshiwe kulesi sigameko, kwatholakala nezibhamu ezintathu.
NgoMsombuluko amaphoyisa abambe umsolwa wesithathu, otholwe nenhlokohlela yesibhamu.
Amaphoyisa aveza ukuthi zizothathwa izibhamu zabasolwa zihlolwe ukuthi azikaze zisetshenziselwe yini kobunye ubugebengu.