ZIKHALE ngezinkinga ezehlukene iziboshwa zesifazane ejele laseWestville, izolo, ngesikhathi kuhambele uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza.
UNkk Khoza ubehlele ukuyohlanganyela neziboshwa zesifazane ezalahlwa amacala okubulala abesilisa ezazithandana nabo.
UPhumelele Zulu weseMelmoth, ukhale ngeminye yemithetho elawula ukuphathwa kweziboshwa kubalwa nezesifazane.
“Aseneme ngezigwebo. Sithi siqala ukona singomama, sinikwe odilikajele.”
Uqhube wathi babuye babe nenkinga uma befaka izicelo zoshwele sebedlulelwe amalungu emindeni abalulekile.
“Uba nenkinga yokusayinelwa uma sekumele uphume, uphinde uhlale la, ungayi ndawo ngoba akekho umuntu ozokusayinela,” kusho uNkk Nompumelelo.
Wenze umzekelo wokuthi zilukhuni izimo ezabehlela, zaholela ekutheni baboshwe.
Echaza ngesakhe kafishane uthe: “Ufike ushaywe yindoda, ilethe intombi, uphume ekameleni lakho, kungene yona. Uphunyuke kubantu abebethunywe yindoda ukuthi bazobulala wena, uxoxe nabo, ubanike imali ethe xaxa, ashone (umyeni).
“Ngazitshela ukuthi nami nginemali engcono kunale abanike yona. Wayefuna ukuganwa omunye umfazi, badle imali yami, kuhlupheke izingane zami.”
Uthe bayazidinga izigccawu lapho kuzoxoxwa khona nabo, babuzwe izizathu ezaholela ekutheni babulale izinqandamathe.
“Umsuka wakho ilezi zizathu ezisilethe la ngoba njengoba ngila, nami ngangiziphumuza. Kwakufuneka kufe bani?” kusho uNkk Nompumelelo, othe bacela uLamola (uNgqongqoshe wezobuLungiswa, ake alubuyezele olwabesifazane).
Esinye isiboshwa, uDuduzile Mthethwa waseVryheid, sithe sasifundisa kwesinye sezikole endaweni. UDuduzile ukhale ngokuthi noma ngabe baziphethe kahle kangakanani ngaphakathi kodwa bahlale bechazwa njengabantu abayingozi.
“Ngafika ngo-2013, ngafundisa ngisho no-matric imbala. Nami bengiqhubeka nokuqhubeza izifundo zami kodwa kuthe ngo-2019, sekufanele ngiyogqoka ijazi lami le-Honours, kwathiwa ngiyingozi, angikwazi ukuya,” kusho uNkk Mthethwa.
Ubuze umbuzo wokuthi ngesikhathi efundisa ezinye iziboshwa usuke engesiyo ingozi?
“Lokhu esakwenzayo kwakungafanele, kodwa uma usungaphakathi, isibuyile nengqondo, uthi uyazakha kabusha kodwa ugcine ufana nomuntu ongakaze enze lutho,” kusho uNkk Mthethwa.
UNomshado Mdluli waseNorth West ukhale ngokungabibikho kwezingcingo ezenele ezisebenzayo ngaphakathi ejele.
“Ukusuka eNorth West uza la, kuthatha amahora angu-12. Kunzima ukuthi umndeni wami ungazongibona lana. Ukuba nocingo olulodwa kuphela olusebenzayo kuyasikhathaza ngoba sethembele ezingcingweni ukuthi sixhumane nemindeni yethu nezingane zethu,” kusho uMdluli.
Umphathi wamajele KwaZulu-Natal, uMnuz Mnikelwa Nxele, uthe ezinye zezinto eziphakanyiswe yiziboshwa njengenkinga yocingo bazozisukumela bona.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Khoza, uthe ngokuhambela kwabo isikhungo, bazonika ithemba lokuthi ngale kobumnyama kukhona ukukhanya.
“Sike sifice umntwana ona-14 esibhedlela (ezobeletha), uma umbuza ukuthi okabani umntwana, kuvele kwehle izinyembezi. Uthole udaba lokuthi umntwana okababa omzalayo, okamalume, okamakhelwane, abantu abaseduze. Uma ufika kuleso simo esinjalo uwumama, kufanele wenzenjani? Uhleke? Ngeke. Yingakho sithi siyaziqonda izimo ezinibeke lana,” kusho uNkk Khoza.
Wathembise ukuthi izikhalazo eziphakanyisiwe bazozisukumela.