NKOSIKHONA CELE
SISHAYELWE ihlombe isinyathelo sikaMasipala waseJozini, sokuxhasa abafundi bakamatric, okumanje balungiselela izivivingo zalo nyaka, ngokudla ukuze babhekane nezincwadi kuphela, bangakhathazeki ngabazolala bekudlile.
Lo Masipala uthi ukwenza lokhu ngoba uqondisisa ukuthi kweminye imindeni enabafundi abenza leli banga, ikati lilele eziko. Lokho kukodwa kungadala ukhwantalala kumfundi obhala umatric.
UMnuz Mfananaye Mathe, iMeya yakulo Masipala uthe bewuMasipala baqhamuke nohlelo lokuthi izikole ziphekele abafundi ikakhulu labo abafunda amahora engeziwe nabafunda ebusuku.
UMathe uthe yize abanye bebagxeka ngokuhambisa lokhu kudla kodwa yena uqobo uyabazi ubuhlungu bokungadli esikoleni, nomthelela okuba nakho ezifundweni.
“Ngikhule ngaphansi kwesimo esinzima. Ngakho ukufaka isandla kubafundi kuwukuthi basizakale ngemfundo yabo. Mina ngazimisela esikoleni ngaphansi kwezimo ezinzima ngoba ngangifuna imfundo. Namanje ngiyazi kukhona izingane ezihamba zingadlile, ngakho lokho sifuna ukukuqeda. Sixhasa ikusasa lezwe lakithi njengoba singabaphathi nje, konke kulindeleke kithi,” kuchaza uMathe.
Ube esedonsa abafundi ngendlebe ukuthi bazimisele njengoba bona bezinikele ukuthi babasize.
UMqondisi wesiFunda uMkhanyakude eMnyangweni wezeMfundo, uMnuz Thanduyise Motha, uthe bewuMnyango bayasithakasela isenzo sikaMasipala.
UMotha ubeyingxenye yokuhanjelwa kwezikole ezahlukene kulesi sifunda, kuhanjiswa ukudla.
Uveze ukuthi iningi labafundi uma kubhalwa umatric, lichitha isikhathi esiningi esikoleni, okwenza kubaluleke ukuthi lithole okuya ngasethunjini.
Okwesibili ukuthi lo Masipala wenza lo msebenzi.
“Umqondo womfundi usuke uthwele okuningi ngalesi sikhathi sezivivinyo. Lokhu kuzobasiza ukuthi kwehle umthwalo futhi bazimisele ezifundweni zabo, baze baqede ukubhala. Umfundi ophase kahle futhi wahamba phambili ngonyaka odlule, uphuma khona eMkhanyakude. Lokhu kuveza indlela abafundi abajabula ngayo uma kukhona ukulekelelwa abakutholayo,” kuchaza uMotha.
Kulo mkhankaso wokusiza izikole ngokudla, lo Masipala uhlanganise nokuhambela umtholampilo waseJozini, nalapho onikelele khona inhlangano esiza iziguli ezisuke zize kulo mtholampilo ngezinto okubalwa kuzo ukuthi zidle zisalinde ukunyangwa. IJozini Clinic Support Group, nayo ithole ukuxhaswa ngokudla ukuze iphekele iziguli.
--