NJENGOBA imfundo iyilungelo lomuntu, uMthethosisekelo wezwe uyakubalula ukuthi abazali kumele baqikelele ukuthi izingane zabo ziyafunda.
Umthetho olawula izikole uvumela imindeni engakwazi ukukhokha imali yokufunda ukuthi izingane zayo zifunde mahhala.
Ezikoleni zakuleli ezingu-24 894, ingxenye eningi yazo kusuka kuQuintile 1 kuya ku-Quintile 3, kufundwa mahhala, akukhokhwa nhlobo imali yesikole. Lokhu kusho ukuthi kubafundi abevile ku-13 million kuleli, ngaphezu kukahhafu wabo ufunda mahhala.
Laba bafundi kabagcini nje ngokufunda mahhala kodwa baphinde bahlomule nsuku zonke ngaphansi kohlelo lokudla ezikoleni. Abagcini ngokuthola ukudla kodwa minyaka yonke bathola izincwadi zokufunda mahhala ezilethwa wumnyango.
Kwalabo abafunda ezikoleni ezingoQuintile 4 no-5 okukhokhwa kuzona, umzali unelungelo lokufuna incwadi esikoleni ezoyiswa emnyangweni ukuze acele ukukhokhelelwa umfundi uma esehluleka ukukhokha imali yesikole.
Ngale ndlela umnyango wenzela ukuthi kungabi nomfundi ongeke afunde ngoba abazali bakhe bengenayo imali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kuleli, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe ngaphezu kokuhlinzeka ngokudla, imfundo yamahhala, izincwadi zokufunda nokunye ezikoleni, baphinde bahlinzeke ngama-workbooks ezikoleni.
Uthe lokhu bakwenza ukuze abafundi bathole imfundo esezingeni.
Nyakenye, kuqopheke umlando kwa-matric kubhala abafundi abevile ku-700 000. Ngale ndlela umnyango uzama ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukuthola isitifiketi sika-matric.
Kwalabo abasuke bengenzanga kahle noma befeyile u-matric, banikwe elinye ithuba minyaka yonke lokuthi babhale ukuze bezophucula imiphumela yabo.
Phezu kokuba umnyango uhlinzeka ngezinto eziningi kodwa kusanesikhalo ngengqalasizinda kwezinye izikole. Kusakhalwa ngezindlu zangasese zomgodi, ugesi ongekho kwezinye izikole kanjalo nokushoda kwemitapoyolwazi namagumbi eSayensi. Kwezemfundo ephakeme, kulo nyaka izitshudeni ezevile esigidini, zixhaswe ngemali yokufunda yisikhwama, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).Lezi zitshudeni azikhokhi ngisho isenti ukuze zifunde emanyuvesi nasemakolishi amakhono.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande muva nje, uthe lezi zitshudeni zikhokhelwa imali yokufunda, eyezindawo zokuhlala, eyezincwadi ziphinde zinikwe nemali yokuzibheka.
UNzimande uthe le mali aziyibuyisi kodwa zona kudingeka ziphase kuphela.
“Uhulumeni usebenzile, ukhokha yonke into. Okubalulekile nje ukuthi izithudeni kumele ziphase,” kusho uNzimande.
Uthe labo abaxhasiwe, iningi labo liqhamuka emindenini ehlwempu wathi abanye babo abokuqala ukuya emanyuvesi nasemakolishi.
Umnyango kaNzimande usanda kuyalela izikhungo zemfundo ukuthi zinike izitshudeni ezikweletayo ikhophi yemiphumela yazo ukuze zikwazi ukuyofuna imisebenzi noma zikwazi ukuthola iziqu, zikwazi ukubuyisa imali eziyikweletayo. UNzimande wakubalula ukuthi asikho isitshudeni esingafundi ngoba singenayo imali yokufunda ezikhungweni zemfundo.