IJaji uTshifhiwa Maumela usinqabile isicelo esifakwe yilo fakazi wathi inqubo izoqhubeka ngokujwalekile njengoba bekwenzeka kuTumelo Madlala noMthokozisi Thwala.
Ngemuva kwalesi sinqumo, akabange esapholisa maseko uZandile wangena ebhokisini, wafundelwa amalungelo akhe.
Ebuzwa ukuthi ukulungele ukuqhubeka nohlelo, uvumile ethi akazukusidlulisa isinqumo senkantolo ngoba ufuna umufi uSenzo Meyiwa athole ubulungiswa.
Lo fakazi ubuzwa lo mbuzo nje, ubevezile esicelweni sakhe sokungafakazi bukhoma ukuthi ngeke alubhade enkantolo uma kuzosakazwa ubufakazi bakhe. Lokhu kuthathwe njengokusabisa abomthetho nokuyinto evezwe u-Advocate Zandile Mshololo ukuthi ufakazi akakwazi ukukhomba umthetho ngenjumbane.
“Uma engafuni ukuza enkantolo ezonikeza ubufakazi njengoba esho, umthetho kumele uthathe indawo yawo ngokuthi athathelwe izinyathelo ezizomuphoqa ukuthi azofakaza,” kusho u-Adv Mshololo ngesikhathi enza izethulo zakhe ngoLwesithathu, kusadingidwa isicelo salo fakazi.
@IsolezweNews uZandie uthi ngesikhathi eshona uSenzo ubehlala noKelly Khumalo, benendodakazi igama layo uThingo #isolezwengempelasonto
— Sizwe Blose (@Blozey) May 18, 2023
@IsolezweNews uZandie ubala amagama abo bonke ababesendlini ngosuku lokubulawa kukaSenzo #isolezwengempelasonto
— Sizwe Blose (@Blozey) May 18, 2023
@IsolezweNews uthi baqala ngokuya kothenga iziphuzo, bathola ukuthi abanayo imali uSenzo noKelly ngoba basebenzisa ikhadi, uZandie wagcina ekhipha uR400 wakhe, bangena noMthokozisi Twala bathenga iziphuzo ngawo uR400 #isolezwengempelasonto
— Sizwe Blose (@Blozey) May 18, 2023
Ngesikhathi ebuzwa ngesimiso segumbi lokuphumula kubo eVosloorus nokuthi babehleli kanjani futhi benzani endlini.
Uchazile ngesimo sokuhlala ekhomba izithombe wase eveza ukuthi nguyena owayekhipha iziphuzo ezazithengiwe ukuze baphuze.
Inkantolo iye ekhefini lo fakazi echaza ngokufika kowayeyisithandwa sakhe uLongwe Twala.
Uthe uTwala wamshayela ecela ukuza, wamvumela wase ebuza kumama wakhe ukuthi kukhona na ukudla okwanele lesi sivakashi, babe sebemhlelela, uSenzo noKelly bayothenga isobho lokwandisa ukudla.
@IsolezweNews uKelly noSenzo baya esitolo, yena noLongwe bangena endlini, wabingelela umama nababesendlini, okuwu Mthokozisi noTumelo Madlala. babuya oKelly noSenzo nesobho, umama waphakela uLongwe #isolezwengempelasonto
— Sizwe Blose (@Blozey) May 18, 2023
@IsolezweNews ngemuva KO kubhema emnyango, uKelly wangena endlini wathi uSenzo usecela indlela, esho ukuhamba #isolezwengempelasonto
— Sizwe Blose (@Blozey) May 18, 2023
Icala liyaqhubeka, thenga Isolezwe ukuthola imibiko ngalo nsukuzonke!