UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal umise uthishanhloko wasesikoleni saseMnambithi, iDr Joseph Shabalala osanda kuphuma ngesamagundane ngesikhathi abazali befuna ukumudla luhlaza bemsola ngokudla isamba sikaR2.3 million.
Okhulumela umnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, ukuqinisekisile ukuthi uNkk Jabulile Mbhele unikezwe ikhefu ukuze kuphenywe. “Yebo umisiwe njengesinyathelo esinqala sokuthi umnyango uphenye ngezinsolo abekwa zona,” kuphetha uMahlambi. Ngesonto eledlule abazali bagasele kulesi sikole esiqanjwe ngomsunguli weLadysmith Black Mambazo befuna uNkk Mbhele nabanye othisha ukuba baphume baphele emagcekeni esikole. NgoMsombuluko baqungele imvula ebiyidliva baqhinqa ngaphandle kwesikole bangabhikisha kwazise bekukhona amaphoyisa abenkanise ngaphandle.
Okhulumele abazali bakulesi sikole esasaziwa ngeKlipriver High ngaphambi kokuguqula igama ngo-2016, uMfu Lindokuhle Kubheka, uthe njengabazali bebehlele ukuyoyinyomfa ngoMsombuluko ukuze kuphazamiseke nokubhalwa kwezivivinyo zika-matric kodwa babuye bakuhoxisa lokho.
UKubheka uthe izinkinga kulesi sikole ziqale ngesikhathi kutholakala ukuthi kunezindodla zemali ezehliswe ngomlenze nguthishanhloko uNkk Mbhele nabanye othisha.
Uthe babizwa usihlalo wesigungu esilawula isikole ebazisa ukuthi kukhona okungahambi kahle esikoleni.
"NgoJanuwari uthishanhloko wasazisa ukuthi imali ekhona kwi-account yesikole ngu-R2.3 million. Kwathi uma sebebheka amabhuku ngo-Ephreli walo nyaka kwavela ukuthi sekusele u-R47 000." Uthe imali ibiphuma inikezwa abanye othisha njengemali-mboleko.
Uthe uthishanhloko ubuye wathenga ibhasi lesikole ngemali ebalelwa kuR500 000 ngaphandle kokuthola igunya esigungwini sesikole, wathenga ifenisha yehhovisi lakhe ebiza uR75 000 ne-branding ka-R600 000. UKubheka uthe akunamanzi esikoleni kanti nogesi bewucishwa.
Uthe njengamanje kunothisha nabanye abasebenzi basesikoleni ababhuquza emakhaya ngenxa yokungakhokhelwa ngoba ingasekho imali.
"Okwamanje kusetshenziswa imali yesabelo sezingane ezizobe zifunda ngonyaka ozayo."
Uthe baze bathatha isinqumo sokugasela esikoleni ngoba bebona izikhalo zabo zingasukunyelwa.
Kuze kwasiza ukutheleka kwabakwaSidlodlo abafike bashushumbisa uNkk Mbhele bambalekisa ngemoto yabo bedlula kubazali ebebethukuthele begane unwabu. Ngesikhathi eseshushumbiswa ngamaphoyisa, abazali nabanye abafundi bebekikiza bethakasela ukuthi useyahamba kulesi sikole. UNkk Mbhele uke waba yiMeya kuMasipala iNkosi Langalibalele.