UYABALISA umndeni wakwaNgubo eMakholweni, e-Underberg, ngezulu elishaye labulala imfuyo yawo, kwadaleka umonakalo nasezindlini.
Kuvela ukuthi izulu lishaye labulala izinkomo ezinhlanu nezimbuzi ezinhlanu zakulo muzi.
Indlu enkulu kuthiwa iphephukile. Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe lithe basangene amakhanda, abazi ukuthi bazothathani bayihlanganise nani.
Indodakazi endala yakulo muzi, uNksz Nolwazi Ngubo, ithe: "Lidume kanye labanika kabili, konakala izinto eziningi. Asazi ukuthi sizokwenzenjani uma kunjena. Lento isehle ngaphezulu okwangempela,'' usho kanje.
Uthe okunye okubakhathaza kakhulu ukuthi ezinye zezinkomo ezifile bezisancelisa amankonyane.
"Indlela izindlu zalapha ekhaya ezilimale ngayo uma nje kungabuya enye imvula kuyacaca ukuthi singalala phandle. Siyafisa ukuthi kube khona othile ongasilekelela ngokuthile ngoba konakele kakhulu uma kunje,'' usho kanje.
Ubalise ngokuthi balahlekelwe yimali eningi ngokufa kwezinkomo ngalolu hlobo.
Kuvela ukuthi kule ndawo izulu lenze umonakalo omkhulu njengoba kukhona neminye imizi ekhahlamezekile.
Eminye imizi kuvele ukuthi iwelwe yizihlahla.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Basil Ntshiza, lithe bazwile ngokwehlele umndeni wakwaNgubo.
Uthe ujube ithimba elibhekelele ezezinhlekelele ukuthi liyobheka ukuthi mkhulu kangakanani umonakalo owenzekile.
"Uma kuya ngokuthi mkhulu umonakalo owenzekile, kuzoba khona iminyango esiyinxusayo ukuthi kube yiyona engenelelayo ngokukhulu ukushesha. Kodwa khona ngiyaqinisekisa ukuthi siwutholile umyalezo ngokwehlele loya mndeni,'' usho kanje.