LIYAYIKAZELA ngokunukwa ngezigemegeme ezishaqisayo iphoyisa lasesiteshini saseCato Manor, eMayville, elisolwa ngokweba ikhadi lasebhange lomgilwa ngesikhathi liyolanda imoto yakhe eyayiduniwe.
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngesikhathi lifaka isicelo sebheyili.
UConstable Minenhle Makhaye (27) uboshwe ngasekuqaleni kwanyanga, emva kokutholwa nekhadi lasebhange lowesifazane owadunwa imoto kwaze kwafa nengane (11) yakhe eMalvern, eThekwini, ngoSepthemba.
Ingane kamgilwa kuthiwa yaphuma yacasha ngaphansi kwemoto kanti kuzothi uma sebekhala amaphepha abasolwa, bayishayise, ishone.
Umsolwa ubhekene namacala amane; elokweba, elokukhwabanisa, elokuvimba ukusebenza kwengalo yomthetho nelokutholwa nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.
Efaka isicelo sebheyili izolo, umphenyi woKlebe, uWarrant Officer Sivan Naidoo, udedele ibhomu eveza ukuthi empeleni awu-272 amakhadi atholwa ehleli ngebhokisi elibomvu ekamelweni likamsolwa okungawase-Capitec, Absa, African Bank, FNB namanye amhlophe okungacaci ukuthi awakuphi. Phambilini, bekuvele ukuthi watholwa namakhadi awu-105. Amakhadi abalisiswe kahle ngoLwesithathu olwedlule.
Uthe kusona leso sidididi sokutholwa namakhadi, kuvela ukuthi wabuye watholwa nelomngani wakhe kuye emzimbeni, okuthiwa (umngani) wayelibike ukuthi limlahlekele ngo-2021.
Emakhadini atholwa kumsolwa kuvele ukuthi ayishumi kuphela asahloliwe ebhange i-Capitec, okuthiwa athathwa enxanxatheleni yezitolo i-Bridge City, KwaMashu, ngezibhelu zango-2021.
Kuthe imantshi uMnuz Ashwin Singh isalalele lokho, uNaidoo waveza ukuthi icala seliza eNkantolo yeMantshi yaseThekwini nje, lisuswa eNkantolo yeMantshi yasePinetown. UNaidoo uthe izihlobo zikamsolwa ezisezikhundleni eziphezulu emaphoyiseni zazama ukuthi licishwe ohlwini lwamacala ayezolalelwa kuleya nkantolo.
“Noma ngingeke ngiveze okuningi ngalokhu kodwa esinye isihlobo sakhe sisebenza esiteshini samaphoyisa saseNanda, esinye sisebenza esiteshini saseMbilo,” kusho uNaidoo.
Ube eseveza umlando wokunyamalala kwamacala kamsolwa, athe nango-2021 ngezibhelu zokutapa, wabanjwa kwisivimbamgwaqo yinkampani yonogada ngaKwaMashu, ehamba ngemoto eyayinezimbobo zokudutshulwa.
Bamsoka ukuthi wayekhothe amasica, engazazi nokuthi ungubani, egqoke umfaniswano wamaphoyisa, ephethe nesibhamu sombutho.
“Inkampani yonogada yamthatha isithombe, yayobika udaba lwakhe esiteshini samaphoyisa ePinetown. Baxakeka onogada uma sebeyobuza ngalelo cala emaphoyiseni ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, sebethola ukuthi alikho ndawo icala.
“Ngiyazibuza nje ukuthi njengoba izihlobo zakhe zizame ukuthi icala lakhe lingaveli ohlwini lwamacala ePinetown, azenzanga yini okufanayo ukuthi kunyamalale lela cala lango-2021?” kusho uNaidoo. Unuke umsolwa ngokuba yisigebengu esicashe ngombutho wamaphoyisa.
Ngesikhathi eqhulula amabhomu uNaidoo, umsolwa ubelokhu embuka, ebukeka efuthelana.
Imantshi uSingh ukhombise ukushaqeka, ummeli kamsolwa uMnuz Zolani Duma ethi uNaidoo akamtshele ikheli lalapho ahlala khona.
“Ikheli lomphenyi alikaze lidalulwe enkantolo. Ayikho into eke idinge ukuthi umphenyi adalule ikheli lakhe,” kubabaza uSingh.
NoNaidoo uthe: “Eminyakeni ewu-30 esengiyisebenze emaphoyiseni, ngiyaqala ukubuzwa ikheli lami.”
Kubuye kwavela ukuthi ngo-2021, kukhona isehlo sokudubulana kwamaphoyisa nezigebengu ngasesibhedlela iNkosi Albert Luthuli, kwafa esisodwa, ezimbili zabaleka.
“Iphoyisa elinegama elifana ncamashi nelikamsolwa, kwavela ukuthi yilo elilekelele lezi zigebengu ukuthi zibaleke,” kusho uNaidoo.
Uphinde waveza nokuthi umsolwa uwumuntu onomlando wokuphuza utshwala emsebenzini aphinde alove angabiki, abuye athi uyagula kangangoba, uboshwa nje, bekusaqhubeka uphenyo lwangaphakathi esiteshini ngaye.
“Okumangazayo ukuthi ngazo lezo zinsuku zokuphenywa kwakhe, kwashiswa ihhovisi kulesi siteshi elalinayo yonke imininingwane ebizosebenza uma esevela esigcawini wokuqondiswa ubugwegwe. Kwaphinde kwagqekezwa amahhovisi amaphoyisa amathathu abezoba sekhaleni lophenyo,” kusho uNaidoo othe kusazophenywa ukuthi umsolwa akathinteki yini kulokhu.
Uphinde wathi nakuba esaboshelwe icala lokutholakala nekhadi lasebhange lomgilwa, bayaphenya ukuthi akabandakanyeki yini esigamekweni sokudunwa kwemoto, yize wayengekho kuso siqu sakhe.
Echaza ngekhadi lomnikazi wemoto eyayiduniwe, kuthiwa wabanjwa nalo emva kokuvela kwe-video yakhe ekhokha ngalo esitolo esidayisa utshwala enxanxatheleni yezitolo eSouthway, eSeaview.
Kuthiwa wayelithepha, njengoba lalivuma ukuthi enze lokhu uma ethenga izimpahla zika-R1 000 kuya phansi.
“Ukuze akwenze ngempumelelo lokhu, wakhokha izikhawu ezintathu ezahlukene kwaze kwaphelela u-R1 000. Wayazi ukuthi uma ethenga kanyekanye, ikhadi lizomfuna inombolo eyimfihlo,” kusho uNaidoo.
Ezithethelela ngomlomo wommeli wakhe, uMakhaye uthe yena ngesikhathi ethatha ikhadi emotweni yomgilwa wayezitshela ukuthi ngelakhe.
Uthe waze waqaphela emva kokuthenga ngalo utshwala, engasawutholi umbiko wasebhange kwiselula yakhe umazisa ukuthi usekhokhile. Uthe wazibuza waziphendula ukuthi ikhadi elikabani nokuthi ulithathephi.
Ubuye wabalula indaba yakhe yokuphuza kakhulu utshwala, ethi yiyo edala angazikhumbuli ezinye izinto ukuthi zenzeke kanjani, wathi kodwa akasho ukuthi usola bona ngamacala abekwe wona. Uthe ubona kungaba yisu elikahle ukuthi avele abuyisele umgilwa u-R1 000 wakhe athenga ngawo utshwala enxanxatheleni yezitolo.
Enkantolo kuhlaluke ukuthi usesebenze embuthweni iminyaka emihlanu. Kuthiwe unengane esencane ethembele kuye. Icala libuyela enkantolo ngo-Okthoba 28.