UMKHAKHA wezobuciko udlala enkulu indima ekufukuleni umnotho wakuleli ngoba amaciko akhokha intela. Amaciko aduduza umphakathi emicimbini naseziteshini zethelevishini ngezindlela ezahlukene.
Muva nje amaciko aseqale umkhuba wokuzicelela wona iminikelo emphakathini uma ezithola ekhungethwe wububha, engasasebenzi noma ehlaselwe wukugula.
Siyanda isibalo samaciko azidela amathambo azembule izinqe, acele inkongozela kubantu bakuleli. Muva nje uRoderick Jaftha owayenguGlen Majozi kwiGenerations noGcina Mkhize obenguKaMajola Ndlovu kwiSibaya ngamanye amaciko asanda kucela iminikelo ngenxa yokuphenduka ondingasithebeni. URoderick ukhale ngokuthi akanakho ngisho ukudla kwezingane.
"Ngiyehluleka nokukhokhela indawo yokuhlala. Nginezingane ezincane ezimbili zisafunda esikoleni," kusho uRoderick. Uthe okuphoqe ukuba ahambe ekhangeza ezihlotsheni nakubangani ukuthi unkosikazi wakhe usanda kuphelelwa wumsebenzi.
Ebuzwa ukuthi yini edala ukuba angabonakali manje kwithelevishini, uthe yingoba ukwazi ukukhuluma isiNgisi nesiBhunu kuphela ekubeni imidlalo eminingi isidinga abazi izilimi zesiNguni.
UGcina yena uhleli ngesinqe esisodwa esithabathabeni somuzi wakhe osudliwe yibhange maqede lawudayisela usomabhizinisi waseLimpopo. Lo somabhizinisi usefuna uGcina aphume kulo muzi nezingane zakhe ukuze awulungise kabusha. UGcina ukhala ngokuthi ayikho enye indawo angaya kuyo ngoba akasenamali. Uthe inkinga yaqala mhlazane ehlukanisa nomyeni wakhe futhi ephelelwa wumsebenzi ngokuvalwa kweSibaya. Naye uze wasungula isikhwama kwi-backabudy futhi wacela umnikelo kozakwabo.
Umndeni womrepha uLeslie "Da Les" Mampe usanda kucela umnikelo ukuze uhlangabezane nezindleko zokwelashwa kwendodana yawo esesibhedlela emuva kokushaywa yisifo sohlangothi.
Umlingisi uCarlo Radebe owayenguDuke Ngcobo kwiBackstage usanda kudalula ukuthi sewuphelile umnikelo ayewuthole ngo-Ephreli, usecele ukuphinde ashaye indishi.
UCarlo waveza ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usedla imbuya ngothi emuva kokuhlala ekhaya iminyaka emithathu ngenxa yokungaqashwa.
UCarlo wayelandela ezithendeni zomlingisi wodumo kuMuzi Wezinsizwa enguTshawe, uVusi Thanda, naye owaqhamuka nekhadi lakwaCapitec esecela umnikelo ngo-2022. Kwabe sekuqhamuka inkampani ekhiqiza izimpahla zemidlalo yamnikelela ngoR130 000.
Kwabe sekulandela inkakha yomculo wokholo, uLusanda Mcinga weLusanda Spiritual Group naye owayecela umnikelo ngoba efuna ukuqopha umculo omusha. KwakunguNovemba 2022 ekhala ngokuthi waphazanyiswa yiCovid-19 ngo-2020. Wathi usedla imbuya ngothi ngenxa yokuthi kade agcina ukuqashwa.
"Zonke izimoto zami zadliwa yibhange ngoba bengingasakwazi ukuzikhokhela."
Waveza ukuthi indodana yakhe iyazama ukumesekela kodwa akwanele. Umculi wekwaito uDr Malinga naye waphumela obala ngobuze bakhe ngesikhathi kuvela ukuthi ukweleta inkampani eqoqa intela kuleli, iSouth African Revenue Services imali engaphezu kukaR2.1 million. Abantu bakuleli bazama ukuphonsa itshe esivivaneni ngoba uDr Malinga wakwazi ukuqongelela imali eyalinganiselwa kuR100 000. UDr Malinga wathi okwamenza waphila kanzima yiCovid-19.
Umculi we-jazz uMadala Kunene wasizwa iminikelo ngesikhathi exinwe kabi yisifo somdlavuza. Kwasungulwa isikhwama maqede abantu baphonsa kuso ukuze athole ukwelapheka okusezingeni.
Umculi wokholo uSolly Moholo ugcine ehambile emhlabeni engakutholaga ukusizakala njengoba umndeni wakhe bewudinga umnikelo ukuze alashwe ukugula obekumphethe.
Indodana yakhe uNkitseng ithe kwakudingeka uR700 000 kodwa bathole kuphela uR100 000 emphakathini.
UMzwakhe Mbuli ukhombe ngenjumbane iziteshi semisakazo zakuleli ngokungawudlali umculo wakuleli ngokwanele kodwa zibelesela umculo owumbhedo wangaphandle.
Umculi ongathandanga negama lakhe uthe okulimaza amaciko ukuthi uma esenemali, awalikhathaleli ikusasa lawo, akafuni ukuba nomasingcwabisane futhi akafuni ukonga imali, kunalokho ayibhubhudla ngezinto ezingathi shu.
"Uma seyiphelile le mali futhi esephelelwe wushatini, akhalisa okwesitimela ekubeni abeyidla bume imali yawo."
Omunye umlingisi ocele ukufihlwa uthe okudala amaciko kuleli akhungathwe wusizi ukuthi awanakiwe, awanayo imali ayihola inyanga ngenyanga. "Ufike uholelwe amakinati emdlalweni osuke ulingisa kuwo. Leyo mali kufanele iphelele empilweni emba eqolo esiyiphilayo. Nakhona sisuke siphoqwa wumphakathi ngoba usuke ulindele ukusibona siphila impilo ewubukhazikhazi. Sihamba ngezimoto ezibizayo futhi sihlala emizini esezindaweni okuhlala kuzo abadla izambane likapondo," kuhlambuluka lo mlingisi.
Ngokocwaningo, olwenziwa wuGwen Ansell we-Associate of the Gordon Institute for Business Science ePretoria University, luveza ukuthi kujwayelekile ukuthi usizi lwamaciko lukhonjwe ekwehlulekeni ukuphatha imali abasuke beyenzile.
U-Ansell uthi wenze ucwaningo ngokubambisana ne-IKS Cultural Consulting bebheka isibonelelo sikahulumeni esinikezwe abaculi be-jazz ngesikhathi seCovid-19.
Uthe ucwaningo lwabo luveze ukuthi amaciko awakhokhelwa le mali esizitshela ukuthi akhokhelwa zona. Ngamanye amazwi ayaxhashazwa. Uthe izindleko abhekana nazo uma enza umculo, zimba eqolo kangangoba awakwazi ukuphila ngomculo kuphela.
Umculi onguthisha womculo, uZodwa Mabena uthe ziningi izindleko ezibhekana namaciko, okwenza imali ayiholayo ibencane.Uthe ngisho ukuqashwa uyocula emcimbini othile kusuke kuhambisana nezindleko eziningi. Kumele umculi akhokhele ibhendi noma ayiqashe. Abanye kumele bakhokhele abadansi, ababalekelela ngamazwi...kuningi. Kuthi abalingisi bona bazithole besenkingeni uma kuleyo sizini umuntu engatholanga ndawo ayidlalayo emidlalweni.Kumele asebenzise imali anayo, kumthathe iminyaka emithathu ukuthi athole omunye umsebenzi.