UZOFIHLWA ngomngcwabo wezinga likaHulumeni owayengungqongqoshe wezabaSebenzi uMnuz Membathisi Mphumzi Shepherd Mdladlana.
UMdladlana (72) uhlonishwe ngomngcwabo wesigaba sesibili yibamba likamengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile.
UMnuz Keith Khoza, okhulumela uMashatile, uthe uMdladlana oshone ngoLwesihlanu olwedlule, uzofihlwa ngoMgqibelo eKapa, kanti umngcwabo uzobe wenganyelwe wuphiko lwamaphoyisa akuleli.
Uthe amafulegi aqale ukundizela phansi kusuka izolo ekuseni koze kube wusuku lomngcwabo.
Ubalule ukuthi le ngqalabutho yangena ePhalamende ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi ngo-1994. Wayenguthishanhloko futhi engomunye wabasunguli benyunyana yothisha iSadtu.
Waqokwa kwiKhabhinethi kaMadiba njengongqongqoshe wabaSebenzi, nabanye omengameli abalandela bamgcina kulesi sikhundla. Labo mengameli oMnuz Thabo Mbeki, Kgalema Motlanthe noJacob Zuma.
Waba yinxusa lakuleli eBurundi, wajutshelwa nakwesika-High Commissioner eCanada.
EPhalamende waqokelwa emakomitini ahlukene okubalwa elomnyango wezaseKhaya namanye.
Izolo ntambama bekunenkonzo yesikhumbuzo sikaMdladlana lapho umengameli weSadtu uMnuz Magope Maphila, ehloniphe le ngqalabutho ngeqhaza layo kwezemfundo. Inkonzo ibihlelwe yi-ANC esifundeni iDullar Omar eKapa, ezinkundleni zemidlalo iGugulethu Sports Complex.
ISadtu ithe uMdladlana walwela amalungelo othisha ikakhulu abesifazane.
Ithe ungomunye wabantu abalwela ukuthi othisha besifazane bangaxoshwa uma bekhulelwe njengoba kwakungavumelekile ukuthi bakhulelwe besebenza.
Imncome ngokuthi ungomunye wabantu ababa nesandla ekusungulweni komkhandlu obhunga ngezinto ezithinta othisha kuleli.