KUSHAYELWE ihlombe ukwenyuka kwezinga lokuphasa kuka-matric KwaZulu-Natal.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga izolo, umemezele ukuthi lesi sifundazwe sithole u-83%, okusho ukwenyuka ngo- 6.2% uma kuqhathaniswa nemiphumela yango-2021.
UMengameli we-Educators Union of South Africa, uMnuz Scelo Bhengu uthe bafuna ukukubeka kucace ukuthi abantu ababashayela ihlombe ngalo msebenzi omuhle, wothisha, abafundi nabazali.
Uthe uMnyango wezeMfundo yize uye uqhamuke usuzishaya isifuba ngemiphumela emihle kodwa bona beyinyunyana abawuniki lutho.
“Udumo silunika othisha, abafundi nabazali ngokusebenza ngokuzikhandla nangokubambisana ukuqinisekisa ukuthi sigcina sithola imiphumela emihle. Umnyango akufanele ukuthi uyagubha,” kusho uBhengu.
Uthe lokho bakusho ngoba ngothisha abazithole besebenza ngaphansi kwezimo ezinzima ngesikhathi umnyango wona uhleli usonge izandla.
“Othisha bahamba bayofundisa ezikoleni ezingaphephile, lapho okungenzeka noma yini ngempilo yabo kodwa baphikelele. Sacela kudala ukuthi izikole zinikwe amaphoyisa amabili okungenani, ukuqinisa ezokuphepha kodwa lokho akukaze kwenzeke, uzitholela isikole sinomkhulu wendawo oziphathele isagila, ogade esangweni,” kusho uBhengu.
Uthe isikhathi esiningi othisha bakwa-matric baqala ukufundisa zingakavulwa nhlobo izikole, zithi noma sezivuliwe bafundise ntambama, ebusuku, ngempelasonto kanjalo nangamaholidi ngoba bezama ukucija izingane.
“Asingakulibali ukuthi lokhu bakwenza ezikoleni ezingenazo nhlobo izinsizakusebenza kodwa bazame ngawo wonke amandla ukufaka ulwazi emqondweni wabafundi yize befundisa ngaphansi kwalezo zimo ezinzima. Nabo abafundi sibashayela ihlombe ngoba bakwazi ukuthi bafunde baphase izifundo ezifana neSayensi, bakha izithombe zabakufundiswayo ngengqondo ngoba ezikoleni zabo kawekho ama-lab,” kusho uBhengu.
Uthe bayababonga nabazali ngokubambisana nothisha, ukuphucula impilo yezingane zabo.
“Ngakho kule miphumela esiye siqhamuke sesizwa kunconywa ongqongqoshe nezinye izikhulu zomnyango, esikhundleni sokuthi kuqhakanjiswe othisha okuyibo abasuke benze wonke umsebenzi,” kusho yena.
Isikhulu seNational Professional Teachers' Organisation of South Africa (Naptosa), uThirona Moodley sithe leli kilasi kufanele lishayelwe ihlombe ngokwenyusa izinga lokuphasa, njengoba kuyilo elathi uma liqala uGrade 10, lawuqala ngesikhathi esibi sokuhlasela kweCovid-19.
“Liphoqekile ukuthi lifunde kanzima, kungayiwa ezikoleni isikhathi eside, kuphinde kuqhanyukwa nezinye izindlela zokufunda ebezizama ukumelana nobhubhane. Sithi noma ngabe kwenyuke kancane kangakanani ukuphasa kwabo, sikushayela ihlombe,” kusho uMoodley.
Ubalule ukuthi kufanele baphinde bashayelwe ihlombe ngokuthi benyuse amasokisi naphezu kwezigigaba ezifana nezikhukhula zango-Ephreli nyakenye, nazo ezishiye izinkinga kubahlali abaningi besifundazwe.
Naye uthe babonga iqhaza elidlalwe ngothisha ukwenza lokhu kube yimpumelelo. Imiphumela kulesi sifundazwe beyilokhu yehla kusuka ngo-2020 lapho izinga lokuphasa lehle khona ngo- 3.7% sithola 77.6% ukuqhathanisa no- 81.3% wango- 2019. Ngo-2021 siqhubekile sehla ngo - 0.8% sithola u- 76.8%.
Kule miphumela ebimenyezelwa, lesi sifundazwe silale endaweni yesithathu ezifundazweni zihlangene kanti kungokokuqala ukuthi sithole imiphumela emihle ngalolu hlobo esikhathini esiyiminyaka emihlanu nangaphezulu.