IZIHLATHI zivakashela kwandlebe kwaboMngeni-uThukela Water emuva kokuthi inhlangano ebheka ukuphathwa kwezinkampani emhlabeni jikelele iFitch, iyiklelise njengenkampani eyiphethe kahle imali.
IFitch iklelise uMngeni-uThukela Water ngokohlelo lwe-AA+ okusho ukuthi le nhlangano iziphethe kahle izimali zayo futhi ilawulwa ngendlela eyiyo.
Ngunyaka wesibili uMngeni-uThukela Water ukleliswa ngale ndlela ngoba nangonyaka odlule ubekwe kulesi sigaba.
IFitch yinhlangano ezinze eLondon, ebheka izinkampani emhlabeni ukuthi ziziphethe kanjani izimali nokuthi zilawulwa noma ziphethwe kanjani.
Ukukleliswa yiyo kusho ukuthi leyo nkampani iba negama emhlabeni jikelele. Abatshalizimali nababolekisa ngemali bayakwazi ukubheka ukukleliswa kwayo ukuze bathathe izinqumo ngayo.
IFitch iveze ukuthi uMngeni-uThukela Water uyakwazi ukuboleka ngendlela awuboleki imali enkulu kakhulu kunalokho okufanele ukwenze futhi uzikhokhela ngesikhathi izikweletu zawo.
Lokhu kusho ukuthi uzokwazi ukuboleka imali ozosiza ukuba uthuthukise izinhlelo zayo zengqalasizinda.
UNgqongqoshe waManzi neNhlanzeko, uNksz Pemmy Majodina, uthe kuyamjabulisa ukuthi uMngeni-uThukela Water ukleliswe ngo-AA+ ngoba lokhu kusho ukuthi uziphethe kahle izimali.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokumosheka kwamanzi avuza kwingqalasizinda yomasipala abahlukene abathola amanzi eMngeni-uThukela Water.
Wakhala nangokubambezeleka kwezinhlelo zengqalasizinda yamanzi, wabalula ukuthi kungase kube nomthelela omubi ekuklelisweni koMngeni-uThukela Water eminyakeni ezayo.
UMngeni-uThukela Water uyazama ukulekelela omasipala ukuze bakwazi ukuthuthukisa ingqalasizinda yabo yamanzi nokuthi banciphise amanzi amosheka ngenxa yamapayipi avuzayo nokunye.