YENZA umahluko imishanguzo emisha eyelapha isifo sofuba esingazweli emakhambini, iDrug-resistant-TB.
Imishanguzo eyinhlanganisela yamakhambi iBedaqualline, iPretomanid, iLinezolid eyaziwa ngeBPaL, yelapha iziguli ezinaleli gciwane izinyanga eziyisithupha esikhundleni sezinyanga ezingu-18. Iqale ukusetshenziswa kuleli ngoSepthemba nyakenye, ongoti bathi alukho uhlelo olwake lwasebenza njengayo.
USolwazi Norbert Ndjeka, umqondisi wezihlelo zokwelapha iTB kuleli, usho lokhu izolo, engqungqutheleni yesifo sofuba yakuleli, i8th SA TB Conference, eThekwini.
Uthe njengamanje zingu-2000 iziguli ezidla imishanguzo, kuzo kusashone ezimbili kuphela.
"Asinazo iziguli ezingasabuyeli ezikhungweni zezempilo ngoba uhlelo lwenziwe ngendlela yokuthi iziguli nabasebenzi bezempil, basebenzisane. Uma isiguli sinenkinga sazisa umsebenzi wezempilo inkinga isheshe isonjululwe. Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha odla imishanguzo usuke eselapheke ngokuphelele. Imali yokukwelapha isiguli yehlile uma siqhathanisa nohlelo lwezinyanga ezingu-18 zaphambilini ngoba kule mishanguzo kukhishwe izinhlobo ezine zamaphilisi ebezisetshenziswa, kwehla nesikhathi sokwelashwa," kuchaza uNdjeka.
Ukusetshenziswa kwamakhambi kuyingxenye yokuhambisana nemigomo yakamuva ebekwe yinhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO).
UDkt Karen Dupreez weNyuvesi iStellenbosch, uthe kungekudala bazokhipha imigomo emisha yokwelapha isifo sofuba ezinganeni, ebafaneni nasemantombazaneni asengena ebuntombini nabesifazane abakhulelwe, iNational Child, Adolescence, Martenal TB Working guidelines.
Uthe imigomo emisha bayisungule ukuze balwe nokufa kwezingane kanye nabantu abasha bebulawa yilesi sifo.
"Zingu-27 000 izingane ezibulawa yiTB kuleli ngonyaka ngokombiko iGlobal TB Report ka-2022, ekhishwe nyakenye, okuyisibalo esikhulu kakhulu," kuchaza uDkt Du Preez.
Uthe kunzima ukuhlonza iTB ezinganeni. Okunye okwenza ukuthi isibalo silokhu siphezulu ukuthi kuthathe isikhathi eside ukuthi iNingizimu Afrika, iqale ukulandela imigomo yeWHO.
Wengeze ngokuthi ukwelashwa kweTB kuqalwa noma bungekho ubufakazi obubambekayo uma nje kusoleka ukuthi inayo. Wathi imigomo yakhishwa ngo-2015, kepha iNingizimu Afrika iqale nyakenye ukusebenzisa uhlelo.
UDkt Enesto Jarmillo we-WHO, uthe uhlelo lokwelapha iTB kumele luhambisane nokuhlolwa kwesifo sikashukela, izifo ezidalwa wukubhema, iHIV nezinye izifo ezihamba phambili ngokubulala abantu, ukuze isiguli singathi sesiphothule ukwelashelwa esinye isifo.