UFAKAZI wesifazane owayeneminyaka engu-16 ngesikhathi kwenzeka icala, utshele inkantolo ukuthi wayesemotweni iGolf 7 emhlophe, elalele unesi akha itulo lokubulala unjiniyela ayeyingoduso yakhe.
UNksz Mandisa Ngidi ongufakazi woMbuso, uthe itulo lakhelwa emijondolo eKenville, eThekwini, wuNksz Nompumelelo Patricia Goncalves.
Uthi wayeyalela umfowabo uMnuz Nkosinathi Zungu (40) benoJames “Ramaphosa” Mthimkhulu ngoSepthemba, 2020.
Laba abathathu baboshwa babekwa icala lokuthumba nokubulala uMnuz Nkosi Timmy Langa okuthiwa bamthatha kwakhe ePinetown, bambulala ngokumklinya ngentambo oZwathini, eNdwedwe.
UMthimkhulu udonsa isigwebo seminyaka engu-20 emuva kokuvuma icala.
UNksz Ngidi uthe wethulwa wuRamaphosa kuZungu owayena-37, okwathi uma behlangana wamshela.
Uthe akamqomanga nakuba uZungu wayesenomqondo wokuthi sekuyathandanwa, sebebizana ngo-baby, ekuvumela lokho ngoba wayesethembise ukumthengela iselula kaR1 000 futhi kwaphuzwa notshwala.
“Kwafika ummangalelwa wesibili (Nksz Goncalves) ehamba ngemoto yakhe, sangena phakathi sinoZungu noRamaphosa. Wayegqoke umfaniswano wananesi, wakhipha iselula eveza isithombe somuntu ayethandana naye, wathi ufuna abulawe,” kubeka uNksz Ngidi.
Uqhube wathi sebesele noNksz Goncalves emotweni, ngesikhathi uRamaphosa noZungu bephumile beyofuna owayezothenga iveni, i-Isuzu, kamufi uma esesocongiwe, watshelwa yilo wesifazane ukuthi akabopheki umufi ngoba unemali.
Lo fakazi uphinde wabakhomba enkantolo abamangalelwa njengoba ethe wenza okufanayo esiteshini samaphoyisa sebeboshiwe. Satholwa ngoNovemba 2020, sesingamathambo isidumbu sikaLanga.
UNksz Ngidi ubefakaza ebheke utolika, efulathele abameli nabamangalelwa, wathi uyamsaba uNksz Goncalves nakuba engashongo ukuthi kungani enovalo uma embona.
Icala lihlehliselwe uLwesithathu, ngesonto elizayo, emuva kokuthi uMbuso usonge uhlelo lwawo lokubiza ofakazi. Kulindeleke uZungu afakaze uma sekubuyelwa.
U-Advocate SG Zwane omele uNksz Goncalves uthe uzophika uma esefakaza ukuthi wakha itulo nokuthi wake waba semotweni eyodwa benoNksz Ngidi.