UGCOTSHWE ngokusemthethweni njengomholi webandla labasindisiwe iGospel of Jesus Ministries, uMfundisi Fikile Zungu, owaziwa ngokubhekelela izidingo zabantu abaswele eChesterville.
Inkonzo yokugcotshwa kwakhe beyisehholo lomphakathi eChesterville, futhi ibikade yenganyelwe yi-Independence School of Theology.
USolwazi Sazi Xulu wesikhungo, uchaze uMfu Zungu njengowesifazane onezimpawu zokuba ngumholi oqotho. Uthe kuyajabulisa futhi kubuyisa ithemba ukubona abefundisi besifazane bezikhandla njengoMfu uZungu.
Uncome uMfu Zungu ngokunakekela umphakathi waseChesterville.
“Siyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi asibusise ngowesifazane ongumholi onjengaweMfundisi uZungu. Namhlanje siyakugcoba ngokwasemhlabeni kodwa iqiniso ukuthi uzalwe uvele ugcotshiwe,’’kusho uSolwazi Xulu.
UMfu Zungu ubonge amalungu ebandla ngokukholelwa kuyena ngaso sonke isikhathi. Uthembise ukuthi uzoqhubeka ngokuhamba ngokucophelela ngaso sonke isikhathi. Wathi kuyamthobisa ngaso sonke isikhathi ukusebenzisana namalungu ebandla amazisayo uNkulunkulu nalangazelele ukuphilisa abantu ngezwi.
Obegcoba umfundisi uMbhishobhi Bongumusa Mpunguse, weDamaseku Church of Christ, umgqugquzele futhi wamyala uMfu Zungu ngokuthi aqhubeke nokuba ngowesifazane owesaba uNkulunkulu. Wathi kuyajabulisa ukuthi bayanda abesifazane abahola amabandla namhlanje.
“Kubonakala sengathi sikhona impela isidingo sabefundisi besifazane ikakhulu esikhathini esiphila kuso manje,’’ kusho uMbhishobhi Mpunguse.
Eqhuba uthe, kumele uphele umkhuba omubi wokukhishwa inyumbazane kwabefundisi besifazane. Wagcizelela uMbhishobhi ukuthi kuhola ibandla akuyi ngobulili.
“Abantu namakholwa nje wonke, kumele azi ukuthi ukuhola ibandla likaNkulunkulu aliholwa ngobulili. Ngakho kumqoka kakhulu ukuba abefundisi besifazane banikezwe ithuba lokuhola amabandla,’’ kweluleka uMbhishobhi.