IDEDELWE ngebheyili kaR20 000 indoda edabuka ePakistan ebinehhovisi loMnyango wezaseKhaya eliwumgunyathi eGreyville, eThekwini.
UMnuz Khalid Hoosen (58) nesisebenzi sakhe uMnuz Sirajbhai Patel (56) wase-India, basolwa ngokuzenza abasebenzi balo mnyango futhi bakhiqize ngokungemthetho amaphepha endaweni engagunyaziwe ukwenza lo msebenzi.
Kusolakala ukuthi ihhovisi labo belisiza abokufika abanye babo abebeze bashadiswe nabesifazane bakuleli imishado eqala kuR18 000.
Bavele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko kulandela ukuboshwa kwabo ngesonto eledlule.
Baboshelwe ehhovisi abebekade besebenzela kulona ebhilidini elisemgwaqweni uMatthews Meyiwa eGreyville, eThekwini.
Ngokwamaphepha asenkantolo, umshushisi akasiphikisanga isicelo sokuba abasolwa badedelwe ngebheyili.
Kunalokho uphakamise ukuthi uma begcina benikwa ibheyili, kumele kube ngekaR50 000 umuntu emunye.
UHoosen wafika ngo-1999 eNingizimu Afrika esuka ePakistan njengoba manje eseyisakhamuzi. Phambilini kuvele ukuthi wafika washada nowesifazane wakuleli, wathola ubuzwe, wase efaka incwadi yesehlukaniso somshado, wase elanda inkosikazi yakhe ayeyishiye ePakistan.
UPatel kuthiwa usenegunya lokuba seNingizimu Afrika ingunaphakade.
Kuvele nokuthi abasolwa awekho amacala ake abalahla esikhathini esidlue futhi alikho elinye icala abalihambayo enkantolo ngaphandle kwalawa ababoshelwe wona manje.
Imantshi u-T. Mathibe ibanike ibheyili kaR20 000 umuntu emunye yase ibeka umbandela wokuthi baye kosayina esiteshini samaphoyisa iDurban Central kanye ngesonto.
Kulindeleke nokuthi banikeze umphenyi izincwadi zabo zokuhambela amanye amazwe.
Enkantolo kuvele nokuthi icala abathweswe lona liqukethe isigwebo senhlawulo noma iminyaka emibili umuntu ebhadla ejele.
Icala lihlehlele uFebhuwari 15, 2025.