KUSINDA kuyehlela emndenini wakwaMbatha eMaqeleni, oLundi, ovuke izolo inqwaba yemfuyo yekhaya iyizigingqane ifile egcekeni.
Zingaphezu kwezingu-12 izimvu ezifile, ngokusho kukaMnuz Mbhekeleni Mbatha oyinhloko yekhaya.
Uthe lezi zimvu bezikhosele ngaphansi kwezindlu ngoba izulu belina, zibalekela udaka nomquba esibayeni, kwezakala ngezinja zikhonkotha ebusuku, kwasa izimvu zakhe zifile.
Uthe akazi uzothatha ini ahlanganise nani njengoba yena nomndeni wakhe beziphilisa ngokudayisa yona imfuyo ukuze balale bedlile.
"Ngilimele kakhulu ngoba angisebenzi, sekuphele izinyanga ezinhlanu ngamiswa emsebenzini. Izingane bezifundiswa yizo lezi zimvu esikoleni. Bese ngidayise izimvu ezingu-10, manje angisazi ukuthi ngenzeni ngoba lezi zimvu yizo ebese ziphilisa umuzi wakuleli khaya.
“Angazi ngizothatha ini ngihlanganise nani. Impilo imile njengoba kungekho nosebenzayo. Sithembele kuyo le mfuyo ukuthi uma ngabe kukhona okuvelayo sikwazi ukuthi izingane zikwazi ukuphila njengoba nginezingane nabazukulu abangu-12," kusho uMbatha.
Uthe okudidayo wukuthi izimvu beziklinyeke emqaleni nje kuphela, kungekho lapho ezitshengise ukuthi zilunywe izinja khona.
"Izimvu bezilele ngomhlane ezibalelwa kwezingu-12 ezibulewe yizinja. Ngesikhathi ngihamba egcekeni ngifice eyodwa isifile, ezimbili zisaphefumula ngase ngikhangwa ezinye zilele uyaca.
“Kuthiwa izinja bezikhonkotha kwase kubonakala izimvu zilele kwamakhelwane. Ebezimithi beziyisishiyagalolunye, kwaphuma amazinyane amathathu. Izinja beziziklinya bese ziziyeka kanjalo, zingazidli. Uma ngithi ngiyalandela kwazona izinja lezo angizitholi," usho kanje.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sikhumbuzo Khuzwayo, lithe lesi sigameko sibathusile bonke.
"Sisashaqekile, sizibuza imibuzo yokuthi ukhona kodwa umuntu ongalahlekelwa imfuyo engaka ngelanga elilodwa nangendlela esingayiqondi.
“Ngokusho kukaMbatha, izimvu zibulawe yinto ethi ayifane nenja kodwa umbuzo osalayo wukuthi yini ingasalumi neyodwa, ibulale nje kuphela. Ngokubona ubucayi bodaba, ngizamile ukuthi ngixhumane nomasipala ukubazisa ngalokhu nanokuthi mhlampe yini esingayenza njengabantu abakhele indawo sihambe siyovela sibone ukuthi singalekelela kanjani njengoba lezi zimvu eziphilisa ngazo," kusho uKhuzwayo.
Uthe banethemba lokuthi uma sebesihlolile isimo, bazobe sebebona ukuthi umndeni ulekeleleka kanjani.
Uthe le nto iyaqala ukwenzeka khona endaweni yaseMaqeleni, ukuthi kungavele kufe imfuyo ngendlela engaqondakali kanje ngoba uma bekuyisimo sezulu esizibulele, bezingeke zife zonke, bekukhona ezizosala. Ugcizelele ukuthi nemeya yendawo uyithintile wayazisa ngawo lo mshopi.
Intengo yezimvu ezifile icela ku-R50 000.
CAPTION
IZIMVU zomndeni wakwaMbatha ezife ngendlela engacacile oLundi Isithombe: SITHUNYELWE