ISUSENE ngamazwi phakathi kwezangoma eziqale ukuduma zibonakala ezinhlelweni ezihlukene zethelevishini, uMakgotso Mokopo odume ngelikaGogo Maweni noPatricia Motsoeneng odume ngelikaGogo Skhotheni.
Laba abake baba abangani abakhulu, abaqali ukuthi bajikijelane ngamazwi besebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Muva nje, indaba yabo isuke ngokuthi uGogo Maweni engene bukhona enkundleni yokuxhumana ekhuluma noDominic Zaca noNontsikelelo Nxumalo.
Laba bakhulume izinto ezehlukene kodwa okuvela ukuthi icasule kakhulu uGogo Skhotheni eyokuthi uMaweni uveze ukuthi indawo athi ngeyakhe yobumnandi akuyona, usenga ezimithiyo.
Uphinde waveza ukuthi isoka likaSkhotheni, uMonde wayefuna ukulala noDominic.
Emva kwale nkulumo uSkhotheni ubasole bonke ngokuqamba amanga, waba nengxoxo kwiTik Tok noNontsi waphumela obala ngokunengeka kwakhe.
Ugcine esekhwela edilika kuMaweni emsola ngokuqambela abantu bakuleli amanga “ngezimoto ezintsha akade esanda kuzithenga”.
Waphinde wathi izimpahla azigqokayo zakwaGucci nazo zingombombayi.
“Mina angithandi umuntu aqambe amanga. Ngizokutshela iqiniso ukuthi indoda yakho ilala namanye amadoda. Ngayibona iqatshulwa omunye wabangani bakho besilisa komunye umcimbi.
“Aniqali ukusola isoka lami ngokuthi lilala namanye amadoda, wake wakukhuluma lokhu nabanye abangani bakho ngathula, uyaphinda manje. Ngathi kuwe iza nobufakazi kodwa kuze kube manje abukho,” kusho uSkhotheni.
UMaweni uphendule ngokudinwa emtshela ukuthi akayeke ukukhuluma ngaye.
“Angifuni ukukuphendula, ngifuna ukukuthola ngikutshele lokhu engifuna ukukusho kuwo emehlweni akho.
“Awubhekane nala macala okudlwengula obheke nawo, namacala enhlanganweni yezangoma iTHO onawo. Ngisacela ubhekane nawo. Angeke ngiphinde ngikuphendule uma uke wakhuluma ngami, ngizokufuna ngikuthole. Kungakho ujeziswa kangaka, zonke izinto ezimbi owake wazenza ziwela ezinganeni zakho. Kungakho nengane yakho ifile ingoba uhlukumeza abanye abantwana. Ukhuluma ngengane yami uthi inesifo sokuwa, yebo inaso futhi ngiyayinakekela yingakho iphila,” kubhoka uMaweni.
Abantu bakuleli bangenele basola uMaweni ngokuthi angahlekisi ngokushona kwengane kulolu daba.
Kodwa lokho akumqedanga amandla uSkhotheni njengoba eveze ukuthi uMaweni kunamacala amathathu okubulala abhekene nawo.
Uthe unabo ubufakazi ngawo futhi waveza nokuthi enzeka ngo-2021.
UMaweni ngemuva kokuthi uSkhotheni eveze lokhu, ushuthe ibhokisi lengane lomngcwabo ebelinombhalo othi “Bhoyo noma umama engazikakela azichamele okusalayo angeke abuye ubabekazi wakho uMaweni”.
Abantu bakuleli baveze ukuthi indaba yalaba ayingangenwa njengoba ingxabano yabo isijule kakhulu.