ABADIDIYELI bomculo abahlonishwa kakhulu kuleli, uSello Chicco Twala noCleopas "DJ Cleo" Monyepao, bathi bashaqekile bethola izindaba zokudlula komculi we-Afro house, uWinnie Khumalo.
UWinnie (51) ushonele endleleni ephuthunyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath ngoLwesibili.
UChicco, owaqala ukusebenza noWinnie eseneminyaka ewu-17 ngeminyaka yo-1980, uthe okummangazile ukuthi ubenaye umufi ngeSonto.
"Ubewumqemane futhi engakhombisi izimpawu zokugula. Uze wangidlalela izingoma ezintsha abezikhipha kulo nyaka. Kuzona kukhona nengoma yami ayenze kabusha."
Uthe nakuba uWinnie eke waphuma engena esibhedlela kodwa ubesezitshela ukuthi sekungozimakhaza kanti ukufa kuthi lala lulaza sizokwengula.
Uchaze uWinnie njengomuntu obenekhono eliyisimangaliso kangangoba ubehamba ezinyathelweni zowayeyindlovukazi yomculo we-Afro pop, uBrenda Fassie.
"Ngesikhathi i-ANC ibhekene nengwadla yokuhlukana phakathi kwabaholi bayo kusungulwa i-COPE ngathintwa wuJeff Radebe ukuba ngenze ingoma eyayizoqhuba umkhankaso we-ANC."
UChicco uthe uRadebe wathi kwakuzoba kuhle ukube uBrenda wayesaphila kodwa uChicco uthe wathi ukhona omunye uBrenda, esho uWinnie.
Uthe babe sebehlangana noWinnie benza ngokuhlanganyela ingoma eyasuselwa kwekaBrenda eyayithi Mina Ngiyohlala Nginje.
NoCleo, owaphrojusela uWinnie ingoma ethi Yile Gqom', uthe okunye okumphathe kabi ukuthi uWinnie ushona nje bekufanele adlale uhlelo aluqopha ngesikhathi uWinnie nendodakazi yakhe benandisa kulo.
"Ngithole lezi zindaba kusanda kuphela ihora kade ngifake isimemezelo sokuthi abantu abalalele uhlelo lwami ngoba kuzobe kunandisa uWinnie ngalolu Lwesihlanu."
Uthe yize aqopha oWinnie ngoNovemba futhi kufanele adlale lolu hlelo ngoDisemba 27 kodwa waphoqeleka ukukuhlehlisa ukulusakaza ngenxa yokuthi uWinnie wayesesibhedlela.
UWinnie ushiye emhlabeni unina, odadewabo abathathu, izingane zakhe ezintathu nabazukulu babafana abathathu.