NAKUBA ikushayela elikhulu ihlombe ukudutshulwa kwezinkabi eziqotha abemboni ngamaphoyisa i-South African National Taxi Council (Santaco), kodwa ifisa sengathi kungakhona noma oyedwa osalayo ukuze acule.
Lokhu kushiwo umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe izinkabi ezine ngamaphoyisa ngoMsombuluko.
UShangase uthe bayawuncoma kakhulu umsebenzi wamaphoyisa uma ebulala izinkabi eziqotha osomatekisi.
Uthe akekho umuntu onelungelo lokuthatha umphefumulo womunye umuntu embonini, wathi noma ngabe kukhona ukungaboni ngaso linye, kufanele ingabe kuhlalwa phansi, ilungiswe ngomlomo.
“Uma sebelandelwa amaphoyisa efuna ukubabopha, bona bajike badubule, sithi iso ngeso. Yize sikujabulela lokhu kodwa siye sibe nesifiso sokuthi engathi kungasala noma oyedwa ukuze ezosho ukuthi ubani osuke ebathumile,” kusho uShangase.
Uthe ukufa kwabo bonke abasolwa kwenza ukuthi ligcine lingaphumanga iqiniso lokuthi basuke bethunywe ubani ukuthi bayobulala osomatekisi.
“Uma umsuka usasele, usuke usengabheka ezinye izinkabi, uqhubeke nokuzikhokhela ukuze ziqhubeke nomsebenzi omubi. Kodwa ke akukho okusuke kungenziwa amaphoyisa ngaphandle kokudubula abulale uma nawo ehlaselwa ethi ayobopha,” kubeka uShangase.
Esitatimendeni esithunyelwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, isigameko sokudutshulwa kwezinkabi senzeke eMooi River.
Uthe omunye wezinkabi ezibulewe ubefunelwa ukubulala osomatekisi baseBergville ezigamekweni ezehlukene ezenzeke kulo nyaka.
“Ubefunelwa amacala okubulawa kukasihlalo kasoseshini wamatekisi (eBergville) nesekela lakhe ngoFebhuwari nangoJuni kulo nyaka. Ubefunelwa nanesigameko sokudutshulwa komunye usomatekisi erenke yaseBergiville lapho okwaze kwadubuleka khona nomgibeli, owashawa inhlamvu eyayindiza emoyeni,” kusho uNetshiunda.
Uthe le nkabi ibifunelwe nanesigameko sokuzama ukubulala usomatekisi waseWinterton ngoJuni nonyaka.
Uthe emva kwesiwombe, amaphoyisa athole izibhamu ezimbili; esikhulu nesincane kanjalo nezinhlamvu.
“Izibhamu zizoyohlolwa ukuze kubhekwe ukuthi azibandakanyeki yini kobunye ubugebengu obunodlame esifundazweni nasezweni lonkana,” kusho yena.
Ubalule ukuthi nakuba imoto ebihamba amaphoyisa iphelile yizinhlamvu kodwa alikho iphoyisa elilimale.
Uthe kwenzeka lesi sigameko nje, amaphoyisa abelandela umkhondo wokuthi abasolwa baseMooi River.
Uthe athe uma emisa imoto ebebehamba ngayo, kuthelawayeka uN3, umshayeli uvele wabaleka ngesivinini wayojika umgwaqo obheke eMtshezi, uR103.
Uthe bathe besuka badubula bebhekise emaphoyiseni, nawo ase ebuyisela ngenhlamvu.