UMKHONTO ugwaze ekhaya iphoyisa libulala uzakwabo ngephutha, kwathi omunye wangeniswa esibhedlela elimele, okwenzeke eBoboyi, ePort Shepstone, ngeSonto ebusuku.
Kuthiwa amaphoyisa ayisithupha ophiko lwe-Public Order Policing namabili ophiko lwezinja abizelwe endaweni yesigameko lapho kuthiwa owesilisa ubeshaya kabuhlungu intombi yakhe ahlala nayo emqashweni eyivalele endlini.
Umthombo weSolezwe, obukhona ngesikhathi kwenzeka isigameko, uthe besekunesikhathi eside owesifazane obeshaywa ekhala okuthe uma iziqashi zizama ukuncenga owesilisa ukuthi amyeke, kwanhlanga zimuka nomoya.
“Amalungu omphakathi abize abasekomitini elilwa nobugebengu endaweni. Kuthe uma befika, owesilisa wabatshela ukuthi ngeke avule. Uthe uma kukhona ozithembayo, akakhahlele isicabha angene khona ezozibona ukuthi ufana nobani. Abekomiti badikilile bathi akubizwe amaphoyisa,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa efika, amathathu abehamba phambili afike akhahlela isicabha. Kukholakala ukuthi aphonse ngaphakathi ibhomu lesandla lesisi esikhalisa unyembezi ngenhloso yokukhipha owesilisa. Kuthe uma kuqubuka intuthu uzakwabo wesifazane ongaphandle wathuka ezitshela ukuthi abangaphakathi babhekene nenkinga, wadubula ebhekise ngasendlini nokuyilapho kudubuleke khona iphoyisa eliwusayitsheni lashonela endaweni yesigameko, kwathi uzakwabo wadubuleka emlenzeni waphuthunyiswa esibhedlela.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo walo osondelene namaphoyisa, endaweni yesigameko kutholwe amagobolondo ezinhlamvu awu-12 esibhamu esikhulu sohlobo i-R5. Lo mthombo uveze ukuthi owesilisa obeshaya intombi uthathwe wayohlonywa imibuzo kodwa wabuye wadedelwa. Uthe kutholwe umkhonto eceleni kwesidumbu sephoyisa okukholakala ukuthi bekungowalo wesilisa obeshaya intombi.
UMnuz Baya Mseleku, owusihlalo wesigungu esilwa nobugebengu endaweni, uthe emva kokuthi bezame ukunxusa lezi zithandani ukuthi zivule endlini, bathole izinsongo kowesilisa.
“Uthe akungene ozithembayo, sabona ukuthi ayisengangathi sekumele kungenelele amaphoyisa. Abiziwe kodwa afike ikomiti elilwa nobugebengu selihambile ngakho besingekho ngesikhathi sokudutshulwa kwamaphoyisa, nathi sizwe sesixoxelwa abebekhona,” usho kanje.
UMnuz Phaladi Shuping, okhulumela uphiko oluphenya amacala enziwa ngamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorare, uthe lolu phiko luphenya icala lokubulala ngokungenhloso nelokusetshenziswa budedengu kwesibhamu.
“Kusolwa ukuthi amaphoyisa abematasa nomsebenzi wawo wokuzama ukubopha obebandakanyeka odlameni lwasekhaya. Kuqhume ibhomu lesandla endlini amaphoyisa abekuyo, kukholakala ukuthi uzakwabo obengaphandle uvulele ngenhlamvu ecabanga ukuthi bayahlaselwa,” usho kanje.