UKHUTHAZA ukunakekelwa kwabantu abaphila nokukhubazeka kanye nabantu abadala usomabhizinisi waKwaZulu-Natal ophinde abe ngumelaphi wendabuko.
UMnuz Phumlani Dlamini waseNewcastle odume kakhulu ngelikaMngcwabuyahlehla, ubekade eyonikezela ngosizo esikhungweni sabadala nabaphila nokukhubazeka eNanda iSakhisizwe Development Centre.
UDlamini uthe kuyinto emqoka kakhulu ukubona kulekelelwa abantu abadala nabaphila nokukhubazeka.
Ngalolu suku uDlamini unikele ngesamba esithile semali eshisiwe ezosetshenziselwa ukubhekela izidingo zalesi sikhungo.
Uphinde wathenga ne-ambulensi athe izosetshenziselwa ukuthi kuphuthunyiswe abahlala kulesi sikhungo uma sebexinwe ukugula.
"Impilo yabantu abahlala kulesi sikhungo ibalulekile kakhulu. Ngikholwa ukuthi i-ambulensi imqoka kakhulu futhi izokwazi ukuthi ihlenge impilo yabo,'' usho kanje.
Mayelana nokubaluleka kokunakekelwa kwabantu abagcinwa kulezi zikhungo, uthe kumele kube yinto eba seqhulwini ngaso snke isikhathi.
"Kumele sonke sisebenzisane siqinisekise ukuthi bayakuthola ukulekelelwa bonke abantu abahlala kulezi zikhungo. Akumele silinde uhulumeni kodwa thina esinamandla kumele silekelele,'' kugcizelela yena.
Uthe abantu abadala bayakudinga ukuphila impilo engcono kwazise basuke sebephila ihlandla lokugcina emhlabeni.
Uthembise ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuqinisekisa ukuthi nyanga zonke lesi sikhungo usinikeza usizo oluthile.
Uthe ukungenelela kwakhe kulesi sikhungo uyethemba ukuthi kuzoletha omkhulu umehluko.
UMnuz Sikhumbuzo Sibisi owengamele isikhungo, uthe kulokoza inhlansi yethemba kubona ngokuhambela kukaDlamini kulesi sikhungo.
Uthe bayabadinga kakhulu abantu abangosomabhizinisi abanentshisekelo yokulekelela njengoDlamini.
"Lesi sikhungo singaba yindawo engcono kakhulu uma singase sithole ukusebenzisana nabantu abaningi abafana noMnuz uDlamini,'' kusho uSibisi othe impilo izoshintsha kakhulu kulesi sikhungo ngenxa yomnikelo kaDlamini.
Eqhuba udalule ukuthi babhekene nezingqinamba ezehlukene kulesi sikhungo.
Enye yazo uthe ingwadla yokungabi nayo imali eyenele yokuholela izisebenzi ezinakakela abahlala ngaphakathi kulesi sikhungo. Uthe njengoba uDlamini eyivula indlela yokunikela, unethemba lokuthi bakhona nabanye abazoqhubeka lapho egcine khona.