ABAMELI beSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini nabakamengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, bathe wazigwaza ngowakhe uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini ngokubhala incwadi ethi akasigaqele isihlalo sobukhosi bukaZulu kanye nokungawafaki amaphepha emacaleni asendlunkulu ayethethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Lokhu bakusho ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu eliqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli.
Kuleli cala uMntwana uSimakade uphonsela inselelo isinqumo sikaRamaphosa sokuvuma ukuqokwa kweSilo, kanti icala lihlanganiswe nelikaMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, naye ofuna kuchithwe ukuqokwa kweSilo.
Ummeli weSilo, u-Advocate Cedric Puckrin kanye nommeli kaRamaphosa, u-Advocate Marumo Moerane, bathe uMntwana uSimakade kwakufanele afake amaphepha emacaleni ayethethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu uma ayengajabule ngokuqokwa kweSilo.
Amacala ayethethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ayehlukene kathathu.
Amabili awo, elalifakwe abaNtwana uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma, kanye nelalifakwe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ayefuna isivimbelo esasizonqanda ukugcotshwa kweSilo.
Wonke la macala achithwa iJaji Mjabuliseni Isaac Madondo, nokwalandelwa ukuthi uRamaphosa bese evuma ukuqokwa kweSilo.
UPuckrin uthe bonke abasendlunkulu abathintekayo babekade beyalelwe ukuba bafake amaphepha kepha uMntwana uSimakade wakhetha ukungawafaki.
“Kumthathe izinyanga ezingu-18 ukuba afake lesi sicelo. Kungani kumthathe isikhathi eside kangaka ukuthi afake isicelo?”
UMntwana uSimakade ufuna ukuthi anikezwe isihlalo sobukhosi njengoba ethi uyena indodana endala yendlovukazi uShiyiwe, njengoba ethi wafakwa esiswini.
Kepha uPuckrin uthe noma ngabe uMntwana uSimakade wafakwa esiswini sendlovukazi uShiyiwe, lokho akusho ukuthi ufanelwe isihlalo njengoba indlovukazi inabo abantwana basemshadweni abangabafana.
Ngesikhathi uRamaphosa evuma ukuqokwa kweSilo kwakukhona nencwadi eyayibhalwe uMntwana uThembi Zulu-Ndlovu, eyayiphakamisa igama likaMntwana uSimakade.
UMoerane utshele inkantolo ukuthi kwakungekho mbango ngesikhathi uRamaphosa evuma ukuqokwa kweSilo.
“Isinqumo sikaMadondo sakubeka kwacaca ukuthi kwakulandelwe yonke imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo. Ngesikhathi uRamaphosa evuma ukuqokwa kweSilo kwakungekho cala elaliphonsela inselelo isinqumo sikaMadondo. Akekho umuntu owayebangisa iSilo ubukhosi futhi nencwadi kaMntwana uThembi yayingahambisani nemigomo ebekiwe.”
UMoerane uthe uMntwana uSimakade wazikhipha yena embangweni wesihlalo ngesikhathi ebhala incwadi eyayibhekiswe kowayengundunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, lapho aveza khona ukuthi akasigaqele isihlalo sobukhosi.
“Ukuqokwa kweSilo uMisuzulu akuzange kumanganze ngoba indlovukazi uShiyiwe kwakuvele kwaziwa ukuthi yiyo ezozala iSilo. Iqiniso ukuthi wonke amacala edlule ayephonsela inselelo ukuqokwa kweSilo achithwa.”
Ukuqulwa kwecala kuzophothulwa namhlanje.