IMANTSHI ikhombise ukunganami ngenxa yokubambezeleka ekutheni igwebe amadoda amane eyawalahla ngecala lokuthumba nokubulala ngesihluku u-Andile “Bobo” Mbuthu owayesolwa ngokweba utshwala ngo-2020.
UMnuz Sanele Hlatshwayo, weNkantolo yeMantshi yaseVerulam, uthe akasakudingi okunye ukubambezeleka kuleli cala ngakho ufuna kufinyelelwe esiphethweni.
“Kumele kuzanywe ngayo yonke indlela ukuthi kugwenywe ukubambezeleka okungenaso isidingo kuleli cala eliqale ukulalelwa ngo-2021,” kusho uHlatshwayo.
Ubekade ephendula ummeli omusha futhi ongowamahhala, uMnuz Mondli Ndlela osemele o-Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu.
UNdlela ubephakamise ukuthi kulandwe obemele lama doda, mhlazane liqala liqulwa icala laze lawalahla, uMnuz Chris Gounden.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Okthoba 2 nonyaka, ashintsha ngomzuzu wokugcina sekumele agwetshwe lama doda atshela uHlatshwayo ukuthi asemulaxazile uGounden.
Ayemsola ngokuthi uwahlinzele ezibini kuleli cala. Owayemele uGounden ngalolo suku wathi uhoxile ngoba akasezwani nalama doda.
Acela inkantolo ukuthi iwatholele ummeli omusha futhi ongowamahhala, kwase kufika uNdlela izolo.
Zisuka amadaka uNdlela ukhale ngokuthi udukuza ebumnyameni ngaleli cala, akazi muva naphambili.
Uphakamise ukuthi kulandwe uGounden asale eseliqedela ngoba vele sekusele ukuthi uHlatshwayo awise isigwebo.
Kubukeka sengathi uNdlela ulandelwe ukuthi azocelela lama doda kuHlatshwayo ukuthi awathambisele izigwebo, awashaye ngoswazi oluncane.
“Njengamanje asikho isinqumo esikhona sokuthi kuzokwenzekani ngoba mina angazi lutho ngaleli cala. Siphakamise ukuthi kubuyiswe ummeli omdala azoqedela ngoba vele sekusele isigwebo kuphela,” kusho uNdlela.
UMshushisi uMnuz Ntuthuko Mngadi utshele inkantolo ukuthi sezikhona izitatimende okungesivela kosonhlalakahle nesasemnyangweni wezokuhlumelelisa izimilo.
UHlatshwayo ulihlehlisele uNovemba 7 icala wathi wusuku ayoqala ngalo ukuwagweba.
Ayibhekani enkantolo phakathi kwabantu abasuke bethamele icala abeseka umndeni kamufi nabasuke beze ukuzokweseka abanecala.
Lokhu kufakazelwa nawukuhlala kwabo ngokwehlukana emabhentshini enkantolo, ngaphandle nangaphakathi.
Amadoda alahlwe ngecala abebukeka ezikhululekele, abuye ajeqeze amamatheke uma ebingelelana nabantu abebezoweseka.
UBobo washaywa washona esolwa ngokweba utshwala endaweni yobumnandi eyangqongqiswa wumphakathi iMagagula Lounge, eHambanathi, oThongathi, ngo-2020.