OWESILISA waseNtshongweni, obhekene necala nokubulala indodana yakhe, kuvele ukuthi wayiklinya ngentambo yesikhindi ngoba ethi ulaya unina.
Lokhu kuvezwe ngumphenyi wecala, uSergeant Vincent Zondi, obethula ubufakazi, eNkantolo yesiFunda yasePinetown.
Bekuvele uMnuz Suyabonga Shezi (32) obhekene necala lokubulala indodana yakhe, uSifundo Sibisi (8), esigamekweni esenzeka ngoJanuwari 13, 2023.
UShezi kuthiwa waya emqashweni owawuhlala indodana yakhe nonina wayo, wayicela ukuthi iye ezihlotsheni zakhe ngoba bayikhumbule.
Kuvela ukuthi akayiyisanga ezihlotsheni kodwa wayithatha waya nayo ehlathini wayibulala.
UZondi uveze ukuthi ingane yabulawa ngokuklinywa ngentambo yesikhindi eyayikade isifakile, yase imbozwa ngejakhethi emnyama okwavela ukuthi ngekayise.
UShezi eseyibulele indodana yakhe, kuthiwa washayela unina ucingo emazisa ngokuthi useyibulele, wase emtshela nokuthi isidumbu uzositholaphi.
"Ngesikhathi siyithungatha ehlathini, uShezi wayedane eshaya ucingo eyalela unina kamufi ukuthi isidumbu uzosithola kuphi,’’ kuchaza umphenyi.
Isidumbu satholwa yisihlobo sikaShezi esasikhona ngesikhathi kuthungathwa.
Ngemuva kwalokho, uthi amaphoyisa aya KwaNdengezi lapho uShezi ayehlala khona.
"Asizange simfice kodwa waqala phansi washayela ucingo unina kamufi emtshela ukuthi angeke abuye uma kusakhona amaphoyisa egecekeni. Sangena emotweni senza sengathi siyahamba, nangempela weza uShezi. Yilapho esambamba khona,'' elandisa.
Uveze ukuthi - esitatimendeni - uShezi wagonyuluka washo ukuthi uyibulele indodana ecikwa ukuthi unina useyajola.
Umshushisi, uRowen Souls, uveze ukuthi banobufakazi bokuthi uShezi wagonyuluka kubantu abehlukene.
"Wagonyuluka ephoyiseni, kunina wengane, kugogo wakhe, kudadewabo kanina kamufi nasemndenini wakho,'' kusho umshushisi ebhekise kuShezi.
Eziphendulela uShezi uthe: "Angizele lokho ongitshela khona. Ngizele ukuthi inkantolo ingitshele ukuthi iyaningikeza ibheyili noma cha.''
Isinqumo sokuthi uyayithola yini ibheyili uShezi, imantshi ithe izosikhipha kuleli sonto.