KUQHUME iqupha ngesikhathi kududulana onogada bezikhulu ezibanga isikhundla semenenja kaMasipala waKwaNongoma.
Onogada bemenenja kamasipala ejutshwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Mphumelelo Mnguni, batholane nabaqaphi bobeyibamba lemenenja yomkhandlu, uMntwana uNhlakanipho Zulu.
Isinqumo sokuqokwa kukaZulu njengemenenja yomkhandlu sisanda kuchithwa yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu, kodwa uyaqhubeka nokwenza umsebenzi ngoba usiphonsela inselelo isinqumo senkantolo.
UMnguni wethulwe ngoLwesibili njengemenenja yomasipala ebambile nguMphathiswa womnyango, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi enomhlangano namakhansela.
Isolezwe lithole ukuthi ngoLwesithathu uMnguni, noZulu bafike bobabili emahhovisi omkhandlu, bezosebenza. Kuthiwa kusuke esinamathambo ngesikhathi bebanga indawo yokusebenzela.
“Onogada bahlangane bahlukana, kwandiza iqupha. Baqhuthane ngesibhakela kwaba ncane indawo engekho ofuna ukwehlela ngezansi.”
Umthombo uthe ngesikhathi zidumelana, abasebenzi baphume babaleka.
“Umasipala usale wodwa, sonke sibalekile. Angifunanga ukubona isiphetho sale nto. Laba bantu baphethe izibhamu. Ngakho ingagcina iphela kabi lento yabo.”
Okhulumela umnyango uMnuz Senzelwe Mzila, uthe basazophenya ngalesi sigameko.
“Ngokwazi kwethu uZulu akaseyona imenenja yomasipala. Ukuqokwa kwakhe kwachithwa yinkantolo.”
Ngesikhathi ekhuluma namakhansela, uButhelezi uthe uzothathelwa izinyathelo zomthetho uZulu uma eke wazama ukuqhubeka nokusebenza njengemenenja yomkhandlu.
UMasipala wakwaNongoma ukhungethwe yizinkinga.
Abaholi bomkhandlu, imeya uMnuz Mshangane Ndabandaba, iphini lemeya uMnuz Sabelo Nkosi, nosomlomo uNkk Babongile Sithole, babhekene noxhaxha lwamacala enkohlakalalo.
Abaholi baboshelwe amacala enkohlakalalo athinta ithenda kaR800 000.
Baboshwe nesikhulu sezezimali, uMnuz Njabulo Dludla, isikhulu sophiko olukhipha amathenda, uMnuz Khulekani Manqele, nosomabhizinisi uMnuz Vukani Gumede.
Bazovela ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi KwaNongoma, lapho bezofaka isicelo sebheyili. Phezu kwalokho umasipala ubhekene nenkinga yezimali.
UButhelezi uthe umasipala awuguqile ngamadolo, wathi ulele ngesisu uma kuziwa kwezezimali. Umasipala uphethwe ngokubambisana phakathi kweNFP, ANC, ne-EFF.