WAYEKUFIHLA ukuhlukumezeka ayekuthola emshadweni ukuze ubukeke umuhle kubantu owesifazane owatholakala engqongqiswe nemoto emathuneni aseMolweni, eThekwini ngo-Ephreli 2020.
Lokhu kuvezwe nguNksz Qaqamba Bada ongudadewabo omncane kamufi uNkk Kulukazi Ndlovu (39) owayengumsebenzi kaMasipala weTheku.
Kwaboshwa uMnuz Sfiso Professor Ndlovu (46) ongumyeni kamufi obekade evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
IJaji uMohini Moodley likuhlehlisele kusasa ukuqala kokuqulwa kwecala.
UNksz Bada uchaze ukuthi ekuqaleni wawukade ubukeka umuhle umshado kadadewabo noNdlovu kanti uyakufihla ukuhlukumezeka kwakhe ngoba evikela umyeni wakhe.
“UKulukazi wayengumuntu ofihlayo ukuthi kwenzekani emshadweni wakhe. Wayehlale enikeza isithombe sokuthi konke kuhle. Samangala sonke ngesikhathi sekuphuma amaqiniso ukuthi kwenzekani emshadweni wakhe,” kulandisa uNksz Bada.
Uqhube wathi bathuka enkantolo ngesikhathi uNdlovu ecela ibheyili eveza ukuthi umufi wayeseke wamvulela icala lokumshaya owaphinde walesula umndeni ungazi.
“Siyathemba ukuthi lizophuma iqiniso bese kwenzeka ubulungiswa. Sifuna le nto ifinyelele esiphethweni nakuba engeke esabuya usisi wethu,” kusho uNksz Bada.
UNdlovu, ongu-inspector ophikweni lwamabhasi kaMasipala weTheku, ungaphandle ngebheyili.
Ufike enkantolo eswenke econsa egqoke isudi eluhlaza okwesibhakabhaka ihembe nezicathulo kukanokusho. Ubebukeka ezikhululekele exoxa nabantu abebekade beze enkantolo.
UNksz Bada uthe laba babekade bengenazo izingane zabo ndawonye emshadweni kodwa uNdlovu enazo ayezithole ngaphandle komshado zikhuliswa ngumufi.
Kuthiwa umufi waqale wabikwa njengomuntu odukile kwaze kwaba kutholakala imoto yakhe eyayingqongqisiwe emathuneni aseMolweni.
Kuvela ukuthi ngaphambi kokuthi anyamalale wayesehlala yedwa emqashweni esephumile emzini wakhe osePhoenix.
Izihlobo zikamufi ezidabuka e-Eastern Cape, zithi bese zikhathele ukugqigqela ubala eThekwini, kuhlehliswa icala, manje ziyathemba lizoqulwa liqedwe bese kwenzeka ubulungiswa.