IZIBHINCISELE nxanye izinkampani ezinkulu zakuleli inkampani yaKwaZulu-Natal, ephethwe ngumuntu omnyama. Le nkampani inesitifiketi sokugaya izinto ezibucayi ezweni, ezinjengamaphepha okuvota, amasheke asemabhange kanjalo namaphepha okudlala i-lotto.
Le nkampani iProcess Litho eseRedhill, eThekwini, ibuye nendondo yegolide yashaya izinkampani ezinkulu emcimbini wokuklonyeliswa kwezinkampani ezigaya izinto ezehlukene kuleli.
Ithole indondo yegolide ngaphansi komkhakha wokugaya amaphephabhuku abenyezelayo.
Umnikazi jikelele wenkampani uMnuz Muziwakhile Ntombela, uthe ukusebenza kanzima yikhona okubenze bahlabana ngale ndondo.
Uthe indondo ababuye nayo eSandton ngempelasonto, iklonyeliswa inkampani esuke idle umhlanganiso ezinkampanini ezehlukene ezisemkhakheni wokugaya.
Ubalule ukuthi banesitifiketi sokugaya izinto ezibucayi ezinjamaphepha okuvota, amaphepha okudlala i-lotto kanjalo namasheke asemabhange.
“Sekuyisikhathi sokuthi abantu abamnyama abaphethe amabhizinisi baphakame emkhakheni abakuyo. Kubalulekile nokuthi uma sinikwe imisebenzi ethile, siyenze ngobuqotho futhi namakhasimende akwazi ukuthembela emabhizinisini aphethwe abamnyama,” kusho uNtombela.
Uthe bahlule izinkampani ezinkulu eziphethwe ngabamhlophe ngoba kule ndima yibona abasashaya amaphiko.
“Ukuthola izitifiketi kwenza nabanye osomabhizinisi belinye ibala basihloniphe njengosomabhizinisi abamnyama. Nathi sinawo amava okugaya izinto ezibucayi ezweni,” kuqhuba uNtombela.
UNtombela odabuka eBabanango, uthe abaqali ukuhlabana ngezindondo zokwenza kahle.
“Eminyakeni edlule sike sahlabana ngendondo okusho khona ukuthi siwubeka phambili umsebenzi esiwenzayo. Siyinkampani egxile ekufukuleni nentsha ikakhulu kulesi sikhathi sokushoda kwamathuba emisebenzi.”
Ubonge abasebenzi bakule nkampani ngokuzinikela emsebenzini wabo.
Uveze ukuthi ngaphandle kokuzinikela kwabo bebengeke babuye nale ndondo bahlule nezinkampani ezihlonishwayo kuleli.