WAYESEVELE eseshonile owesifazane owashiswa nemoto yakhe waba umlotha emathuneni aseMolweni, eThekwini, ngo-Ephreli 2020.
Lokhu kuvezwe uWarrant Officer Vukile Majola onguchwepheshe ekucwaningeni ngemililo emaphoyiseni.
Ubekade ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ecaleni lokubulawa kukaNkk Khulukazi Ndlovu (39).
Kwaboshwa umyeni kamufi, uMnuz Sifiso Ndlovu, emuva kwezinyanga eziyisithupha owakhululwa ngebheyili okuyimanje ugqigqa enkantolo ngaleli cala.
UMajola uthe ocwaningweni lakhe wathola ukuthi imoto yashiswa ngamabomu umuntu owayehlose ukucisha ubufakazi noma eshabalalise ukubulawa komuntu.
“Izinsalela zesidumbu somuntu ezatholakala emotweni zazikhombisa ukuthi akwenzekanga lokhu okuvamise ukwenzeka uma kuqala umlilo kunomuntu ophilayo ngoba loyo muntu uyabaleka. Lezi zinsalela zikhombisa ukuthi umufi akazange abaleke okusho ukuthi wayesevele eseshonile noma equlekile ngesikhathi kusha imoto,’’ kusho uMajola.
Uthe lo mlilo uyakhombisa ukuthi kukhona into eyathelwa ngaphakathi emotweni ukuze umlilo uvuthe kakhulu okwakungaba uphethroli, upharafini noma utinasi.
Uveze ukuthi isidumbu sasha saba wumlotha wawusubona ngezingcucu zamathambo omuntu ayevundle lapho okwakunesihlalo somgibeli sangaphambili ikhanda lilele livundlele ngakumshayeli.
Uthe izihlalo zemoto zangemuva zazigoqiwe, ezangaphambili zazilaliswe phezulu ukwenzela ukuthi kube nesikhala esikhulu emotweni.
“Ngabe ukhuluma iphutha umuntu othi umlilo waqalwa umuntu owayebhema ngaphakathi noma owaba nobudedengu, ayikho leyo nto. Lo mlilo awuqalanga enjinini noma ebhuthini waqala ngaphakathi emotweni,” kusho uMajola.
Kuphinde kwafakaza iphoyisa, uSergeant Ntokozo Dlamini owathunywa ngumphenyi wecala ukuba ayokwenza ulibofuzo noyise kamufi e-East London, e-Eastern Cape, ukuze kuqhathaniswe nezinsalela ezatholwa emotweni.
Owaqala waba ngumphenyi waleli cala, uSergeant Thamsanqa Mthethwa naye ofakazile enkantolo, uthe wafaka isicelo kwa-car track nakwaVodacom ukuze kutholakale izihlobo zikamufi.
Uthe ingcindezi ayeyithola ivela emndenini kamufi yaze yaphoqa ukuthi ashayele ucingo uNdlovu, ambizele esiteshini ukuze amphice ngemibuzo kodwa wangabuya nalutho wase ephoqeleka ukuba amdedele.
UMthethwa uthi wahlaba ikhefu emsebenzini wabuya icala seliphethwe nguzakwabo ongukapteni
Icala liyaqhubeka ngoMsombuluko.