BAKHATHAZEKILE abazali babafundi basesikoleni i-Ekwazini High, eMlaza, ngenxa yamabhoklolo ahlukumeza abanye abafundi.
Esigamekweni sakamuva esigcine sidlule nomphefumulo womunye wabafundi u-Awande Mdabe (20) obenza u-matric, kusolakala ukuthi uklinywe womunye wamabhoklolo ngothayi endlini yangasese khona esikoleni ngesonto eledlule.
UNksz Slindile Mdabe ongumamncane ka-Awande ekhuluma neSolezwe, uthe baphatheke kabi ngalesi senzo.
“Ngikhala ngobudedengu bothisha ngoba abayihambisanga ingane esibhedlela futhi abawashayelanga amaphoyisa. Njengabazali baze basazisa ngo-2 ntambama kodwa ingane ibe ilimale ekuseni. Izimoto zothisha bezikhona, okwenze ngazibuza ukuthi yini ndaba bengayihambisanga ingane?” kusho uNksz Mdabe.
Uthe okumphatha kabuhlungu kunakho konke ukuthi kuthiwa lo mfundi oklinye umufi akukona okokuqala ekwenza lokho.
“Ngibabuzile ukuthi yini ndaba besamgcinile lo mfundi, bathi uMnyango wezeMfundo awuvumi ukuthi umfundi axoshwe esikoleni. Umphakathi nawo ubukhalaza ngoba ziningi izigameko zenzeka njengoba kwesinye isehlakalo abafundi bagwazana,” usho kanje.
Uthe mhlawumbe ezinye zezizathu ezenze ukuthi umufi abulawe yingoba amazinyo angaphambili ubengenawo njengoba ashayiswa yimoto, manje izingane bezimgcona ngakho lokho. Uthe nasekhaya umufi wabika ukuthi kukhona umfundi omhlukumezayo esikoleni, kodwa banganaka.
Oyilungu lesigungu esangamele isikole, uNkk Hayzel Joyisa, ekhuluma neSolezwe, uthe abafundi bathukile.
“Abafundi abathusiwe yisigameko lesi esenzekile, kodwa bathuswe yiqulu labantu ebelimemeza esangweni lesikole, lithi lifuna uthishomkhulu futhi lisabisa ngokushisa isikole. Belithi uthishomkhulu ubengayihambisi ngani ingane esibhedlela? Akekho owayebona ukuthi umfana ulimele kakhulu ngoba wayelokhu ekhuluma ethi kubuhlungu ikhanda,” kusho uNkk Joyisa.
Uthe njengabazali baphatheke kabi.
“Siphoxekile yilesi senzo ngoba asikwazi ngisho nokulala. Uthishomkhulu namalungu ekomiti bahambile baya emndenini kamufi beyobhonga emswaneni nomndeni womfana owenze lesi sigameko nawo uhambile wayoxolisa,” usho kanje
Uqhube wathi izingane ziyaseshwa esangweni lesikole uma zifika ekuseni kubhekwa izikhali noma ezinye izinto ezingalungile besizwa yiforamu namanye amalungu esigungu esangamele isikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natal, uSihle Mlotshwa, uthe balinde umbiko ophelele ovela emahhovisi esifunda mayelana nalolu daba.
Uqhube wathi ukushaya kuyicala lobugebengu, ezinkantolo isiqhwaga singathweswa icala.
“Isikole kufanele sisebenzise umyalelo wekhodi yaso yokuziphatha. Akulungile ukuthi umfundi akakwazi ukuxoshwa futhi asinawo umthetho othi othisha bangakwazi ukuyisa abafundi esibhedlela,” ubeke kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa.
“Amaphoyisa aseMlaza, abophe umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala kulandela isigameko sokushona komfundi oneminyka engu-20 esikoleni esigcemeni sakwa-G eMlaza, ngoLwesihlanu olwedlule. Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngoMsombuluko, Septhemba 2, 2024. Imibiko iveza ukuthi umsolwa waklinya futhi washaya isisulu ngemuva kwengxabano,” kusho uCol Netshiunda.