USHANSELA omusha waseMangosuthu University of Technology (MUT) uMnuz Sandile Zungu, uthi unomcabango wokuthi isikhungo ngelinye ilanga sibe nohlelo lokuqeqesha abemboni yamatekisi ngendlela yokuthuthukisa umsebenzi wabo.
UZungu usho lokhu ekhuluma emcimbini wokugcotshwa kwakhe kwesikaShansela eMUT eMlaza ngoLwesihlanu.
UZungu uyisikhondlakhondla kwezamabhizinisi kanti ungumnikazi weqembu lebhola AmaZulu FC elizinze khona eThekwini.
Lo Shansela odabuka khona eMlaza, uthe iMUT kufanele ibukeke njengendawo ebuyisa ithemba kubantu.
“Awucabange nje iMUT ibe nohlelo lokufunda kwabashayeli bamatekisi oluzobhekana nokuphathwa kwamakhasimende.
“Izifundo ezibacija ngezobuchwepheshe, yizindlela zokukhokha kungasetshenziswa mali, ezenhlanzeko nezokuphepha bagcine sebethola izitifiketi ezizobenza bazizwe bebuyelwa yisithunzi nokuzigqaja,’’ kusho uZungu.
UZungu uthe lokhu kungenza abamatekisi bazibone ukuthi kuningi abangakwenza kanti kungakuhle makungacatshangwa ngokuba kona kohlelo lokufundisa izaguga ukufunda, ukubhala nezobuchwepheshe.
Uthe konke lokhu kungenzeka ngoba isikhungo sinabantu ababukhali kwezocwaningo nasemikhakheni eyahlukene.
Udalule ukuthi uzizwa ehloniphekile kakhulu ngokuba yingxenye ye-MUT, wathembisa ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuyenza ngcono.
Uthe uke waba mathintanyawo ukuthatha lo msebenzi ngenxa yokuthi kunabantu abahloniphekile abake baphatha lesi sikhundla phambilini.
Uveze ukuthi igcagcele esokeni kuyena ngoba iMUT ifana nekhaya kuyena.
UMlawuli weMUT uSolwazi Lourens van Staden, emukela uZungu njengoShansela uthe babheke lukhulu kuyena.
“Isikhungo sinethemba lokuthi uzolekelela kakhulu emkhankasweni waso wokusivuselela kabusha. Ukuhlonishwa kwakho kwezamabhizinisi kukunika ithuba lokushintsha isimo sesikhungo.
“Kuyaziwa ukuthi umlando uveza ukuthi izikhungo ezintulayo azivamile ukubhekwa kakhulu ngabantu abanikela ngezimali,’’ kusho uSolwazi van Staden.
UZungu ufike ehamba namalungu omndeni abebemphelezele. Abanye abebethamele umcimbi wuDkt Blade Nzimande onguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, yiJaji Justice Khampepe, uMntwana waKwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi nabanye.