AKAPHELI mandla owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, emizameni yakhe yokushenxisa umshushisi omkhulu ecaleni abhekene nalo lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer.
NgoMsombuluko, uZuma uphinde wafaka esinye isicelo sokuba kushenxe uDowner kuleli cala eliqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UZuma ufake incwadi efungelwe enamakhasi angaphezu kuka-60 lapho ecele khona inkantolo ukuba inqume ukuthi uDowner kufanele ashenxe kuleli cala.
Esinye sezizathu esibekwe nguZuma ngokufuna ukuthi kushenxe uDowner yicala uZuma alivulele uDowner nentatheli yephepha elibika ngesiNgisi.
Kuleli cala, nalo eliqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uZuma usola uDowner ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo olumayelana nempilo yakhe.
"UDowner kufanele engabe uvele wazishenxela ngaphandle kokuthi aze acelwe ngoba uyazi ukuthi unecala. Inhloso yokuputshuza kwakhe le mininingwane kwakuwukuphazamisa isicelo sami sokuqala sokuba ashenxe, nesasingaholela ekutheni ashenxe. Njengamanje icala engimvulele lona lisenkantolo yingakho kufanele ashenxe."
UZuma uveze ukuthi uDowner wayengaqali ukuputshuzela izintatheli ulwazi ngaleli cala njengoba ethe lokhu waqala ukukwenza ngo-2008.
Uthe kusobala ukuthi angeke abuthole ubulungiswa uma eshushiswa nguDowner.
"Sekukaningi iNPA (National Prosecuting Authority) ngiyinikeza izizathu zokuthi kungani uDowner kufanele ashenxe kepha ayifuni ukumshenxisa. Yingakho ngifaka lesi sicelo enkantolo."
Izolo bekulindele ukuthi kuqalwe ukuqulwa kwecala kepha labuye lahlehliswa emva kwesicelo sikaZuma.
UMbuso ukhale ngokuthi uphuzile ukuthola isicelo sikaZuma, wathi udinga isikhathi ukuze uphendule okushiwo nguZuma.
Ijaji Nkosinathi Chili libe selinquma ukuthi isicelo sikaZuma silalelwe ngo-August 15 no-16.
Akusikho okokuqala uZuma efaka isicelo salolu hlobo.
Ngonyaka owedlule wafaka isicelo sokuba kushenxe uDowner, emsola ngokuthi uchemile.
Lesi sicelo sachithwa yiJaji Piet Koen okunguye obelalela leli cala ngaphambi kokushenxa emva kokuthi abameli bakaZuma bemsole ngokuchema.
Isicelo sikaZuma sakamuva sisho ukuthi kusazoke kubambezeleke ukuqulwa kwecala lapho yena nasolwa nabo, inkampani yaseFrance, iThales, bebhekene namacala ahlobene nokukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbisa imali mayelana nesivumelwano sezikhali esenzeka ngeminyaka yawo-1990.