OWAYENGUMENGAMELI wezwe uJacob Zuma, uthi kukhona abanye asazobabopha.
Ukusho lokhu emva kokungena kwecala lapho ezishushisela yena mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo, u-Advocate Billy Downer nentatheli uNksz Karyn Maughan.
Icala liqale ukuqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, izolo.Wayekade ebavulele icala esiteshini samaphoyisa esiseMgungundlovu, ebasola ngokuputshuza imininingwane eyimfihlo yokugula kwakhe.
Izolo, uZuma uthe usengabopha abanye abantu.
“Sivumelene ukuthi akekho umuntu onecala esingeke simbophe. Njengoba sibophile manje, sisengaphinde sibophe futhi.”
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabalandeli bakhe abebezomeseka ngaphandle kwenkantolo.
UZuma uthe uDowner kwakungafanele anikeze intatheli ulwazi oluyimfihlo ngokugula kwakhe.
Ulwazi lwaluyingxenye yamaphepha asenkantolo, kuthiwa uDowner waluthumela intatheli ngaphambi kokuthi luthunyelwe enkantolo.
Izolo uZuma wesekwe wubuholi be-ANC KwaZulu-Natal nasezifundeni ze-ANC esifundazweni.
Bekuyinjabulo yodwa kubalandeli bakhe njengoba bekungokokuqala uZuma ebonakala esidlangaleni kusukela aqeda isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15 eboshwe ejele wagcina eseboshelwe ekhaya.
Bekuyisigwebo sokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, siphele ngoLwesihlanu.
Yize esiqede esengaphandle ngoshwele wokugula isigwebo sakhe, uZuma ubengakwazi ukukhuluma ngokukhululeka nabalandeli bakhe ngenxa yemibandela kashwele.
Ekhuluma nabalandeli bakhe, uZuma uvele wayihleka ihlaya eyokuthi akufanele angenele umbango wezikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngoba usemdala.
UZuma ukhombise ukungahambisani nombono wabaholi be-ANC, kubona okukhona noMengameli Cyril Ramaphosa, wokuthi akusamfanele ukungenela umbango wezikhundla kwi-ANC ngenxa yobudala bakhe.
“Kukhona abathi ngigugile, ngiyikhehla. Hhe madoda!” ebebaza.
Ukusho lokhu ebe edansa phambi kwabalandeli bakhe abamcele ukuthi acule ingoma adume ngayo ethi Mshini Wami.
UZuma usanda kuphumela obala wathi uzowungenela umbango wesikhundla uma igama lakhe liphakamnyiswa. Ubuye waveza ukuthi kukhona abafuna ukuthi angenele umbango wokuba wusihlalo kazwelonke.
Isinqumo sakhe sigxekwa ngabanye abaholi be-ANC, abathe uZuma akusafanele angenele umbango wezikhundla njengoba esemdala.
Phakathi kwabaholi abakhombise ukungahambisani nesinqumo sikaZuma kubalwa noSihlalo kazwelonke we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe.
Izolo uZuma utshele abalandeli ukuthi akukapheli ngaye kwezepolitiki.
“Ngilungele noma yini ngoba ngiyabona ukuthi umzabalazo awukapheli, kusafanele uqhubeke.”
UZuma uthe njengoba isigwebo sakhe sesiphelile nje kuningi asazokukhuluma.
“Ngijabulela ukuthi sengizokhuluma ngingabuzwa lutho, kungabi khona umuntu ozongitshela ukuthi sengiphule imigomo kashwele. Namhlanje angizukukhuluma lutho. Ziseza izinsuku lapho ngizokhuluma khona.”
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthembise ukuthi bazoqhubeka nokweseka uZuma.
“Noma ngabe kukhona izinkulumo eziqoshiwe ezigxeka ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, sizoqhubeka nokukweseka Msholozi. Ngeke sivume ukusatshiswa ngabantu. Imvume yokuzokweseka asiyiceli kumuntu.”
UDuma uthe kube yingqophamlando okwenzeke izolo njengoba kungajwayelekile ukuthi kube nesakhamuzi esinquma ukuzishushisela mathupha abamangalelwa.